Ukuphana ngeZipho- Isimilo esifuze esikaNkulunkulu

Giving Gifts – a God-Like Quality

UNkulunkulu unguNkulunkulu ophanayo. UNkulunkulu wanikezela impilo kuAdamu, izingane kwabangabatholi abantwana, iZwe leSithembiso kwizigqila, imvula kumhlabathi owomile, ukudla kwabalambile, ukukhululwa kwabaqgilaziwe, ukuhlakanipha kwabazithobisile, iziphiwo zokomoya eBandleni, uhlu lwezipho zenyama nezikamoya ezivela kuNkulunkulu alupheli.

UNkulunkulu wamisa ukunikezela ngezipho phakathi kwabantu ukuthi kube enye yezinto labo abathembekile abayenzayo lapho bebungaza ubuhle bukaNkulunkulu. Inceku kaAbhrahama yanikezela izipho emndeni kaRebhekha ngemuva kokuzwa ngokugunyazwa komshado kaIsaka (IGenesisi 24:53). UJakobe wanikezela izipho kuEsewu, hhayi kuphela ukwehlisa intukuthelo okwakungenzeka lubekhona, kodwa futhi ukubungaza ukuhlangana kwabo okwakunokuthula (IGenesisi 33:10). Ngemuva kokunqoba impi enzima, uDavide wathumela izipho kulabo ababa nobungane naye ngesikhathi sobunzima ( 1 Samuweli 30:26). Ngemuva kokunqoba kukaNkulunkulu ngezinsuku zika Hezekeli, abaningi balethela inkosi izipho njengengxenye yomgubho (2 IziKhronike 32:23). Ukwakhiwa kwethempeli kwenza kwaba khona ukulindela okukhulu umgubho ngangokuthi abantu bazisukela banikelela ukwakhiwa kwethempeli kanye nezingubo zabapristi (uEzra 2:68). Ekuboneni uMsindisi engumntwana, izazi zaMupha uhhide lwezipho zekhethelo (ngokuMathewu 2:11). Kuningi okunye okufuze lokhu okungabalwa.

Uma ucabangisisa ngawowonke amathuba okugubha ubuhle bukaNkulunkulu, jabula hhayi kuphela enhlizweni yakho, nikezela ukubonga hhayi kuphela ngasese, kodwa khombisa ubuhle bukaNkulunkulu ngezenzo ezithize zakho zobuhle ozobenza kwabanye. Yipha labo abahlanganyela nawe ejabulweni yakho, yipha labo abadingile. Lowo owesaba uNkulunkulu nguye ophanayo (IHubo 112:9). UNkulunkulu unguNkulunkulu ophanayo; yiba nguMkhrestu ophanayo.

Scroll to Top