Ukuphendula uMhlaba ubheke Phansi iDolobha ngaLinye ngeSikhathi

Turning the World Upside Down One City At a Time

Lokho kwakuyingqikithi yesihloko esikhulu sephephandaba lendawo kuwo wonke amadolobha lapho abaphostoli bakaJesu babeshumayela khona emashumini eminyaka okuqala ngemva kokuba uJesu enyukele eZulwini. KuZenzo 17:6, abantu bedolobha laseThesalonika (namhlanje ebhalwa ngokuthiwa iThessaloniki) bachaza abaPhostoli kwiziphathimandla zedolobha ngokuthi, “amadoda aphendule umhlaba wabheka phansi,” ngokushumayela ngoJesu.

Empeleni izinto emhlabeni zihlanezekile, zibheke phansi, maqondana nokuziphatha, ukukholwa, kanye neqiniso. NjengaMakhrestu siyazi ukuthi yini elungile nengalungile, ukuthi ngubani onguNkulunkulu weqiniso, nokuthi yikuphi lapho kutholakala khona iqiniso. Ngakho-ke siyilabo abangahlanekezelekile emhlabeni ohlakanezekile. Umhlaba, ngokuzitshela ukuthi wona awuhlanezekile kumele impela usho lokhu ngathi “labantu bahlanekezela zonke izinto.”

Ningalingisi lelilizwe, kepha niguqulwe (kwabaseRoma 12:2) ukuze nifakaze kubona bonke abantu ukuthi intando kaNkulukulu ngathi iyini.

Scroll to Top