Triumphal Living
Kwabakhona izikhathi eziningana lapho uMphostoli uPawuli wayehlukenisiwe namanye Amakhrestu ayewusizo olukhulu kanye nenduduzo kuye. Siyazi ngesikhathi ekukhulunywa ngaso kwincwadi yoku 1 kwabaseThesalonikha 2:17-3:2. Kodwa leso kwakungesona kuphela isikhathi uPawula ashiwa ngayedwana lapho ekulangazelele kakhulu ukuba nabazalwane. Kwincwadi ye-2 kwabaseKhorinte 2 uyasibalula esinye isikhathi esikanjalo, kodwa ake ulalele ukuthi uthini ngakho konke!
Kepha makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba ngoKhristu, nothaphukisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke.
2 KwabaseKhorinte 2:14
Uyakuzwa lokhu akushoyo? UPawuli waqhuma ngokubonga kuNkulunkulu kwisikhathi kwivesi elidlulile elisichaza kanje “nokho angibanga nakho ukuthula emoyeni wami lapho ngingamfumani uThithu umzalwane wami”. Bese kuthi “ Kepha makabongwe uNkulunkulu”. Umuzwa omkhulu wokuzizwa uwedwa kwakuyisikhathi sokucabanga into eyayimenza uPawuli agcwale kakhulu ukubonga uNkulunkulu.
Lokho impela umcabango ofike ngesikhathi esikahle. Kunento enhle kabi, ngangokuthi ngisho ukudumala ngokungabi ndawonye nabanye kungeke kuwushonise phansi umoya wethu. Kunomsebenzi ojwayelekile waMakhrestu owenza ngisho nesikhathi uzizwa uwedwa kakhulu kuba esokukhombisa ngobufakazi esidlangalaleni ukunqoba. Yilona: UNkulunkulu usebenzisa thina ukusabalalisa ulwazi Ngaye, yonke indawo.
Kucabange, isikhathi lapho unabazalwane, unalabo abaziyo ngoNkulunkulu. Eqinisweni, inhlanganyelo yethu iphawulwa ngukwabelana ngolwazi lukaNkulunkulu lolu esinalo. Kodwa, isikhathi lapho singekho kunye nabazalwane, futhi singeke sikwazi ukuba nabo ngendlela esijwayele ukuba nabo ngayo, lapho ke ngokusobala siyakhunjuzwa ukuthi abaningi abanalo nhlobo ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Lokhu akudingi ukuba sonke sibe abavangela emigwaqeni, kodwa kuyasidinga ukuba simenze Yena aziwe kwabanye.
Mhlawumbe ungacabanga ngolwazi lukaNkulunkulu njenge airfreshener- into ngokuqondile eyamukelekile lapho kukhona iphunga elibi eligcwalise umoya. Kanjalo, nathi singabahambisa ulwazi lukaNkulunkulu kulabo abasaphila ngaphandle Kwakhe. Isikhathi lapho singekho nabazalwane, sinomsebenzi ekumele siwenze kulabo abangakholwa. Kunjengomsebenzi omuhle njengokufutha i-air freshener ukwenza ngcono umoya endlini.
Ngakho, hamba, yimangumakhelwane omnandi, nakekela abadingile, nikela kwabampofu, phila ngobungcwele, ungathukutheli, khuluma kahle, khombisa umusa, mamatheka. Yiba njenge thuluzi lokufutha iair-freshener endlini. Yazisa abantu ukuthi uyamazi uNkulunkulu.
