Living guilt free
Emahoreni ambalwa ngaphambi kokuba uJesu afe, kwaqinisekiseka ukuthi wayengenacala. UJesu waphila impilo lapho ayengenacala lalutho. Nakuba wayebekwa izinsolo eziningi, kodwa akukho asolwa ngakho okwakuyiqiniso.
Kufanele kube njalo nakithina njengabalandeli baJesu. Ungakhala ngokuthi akunakwenzeka lokhu, ngoba uyisoni futhi uyaqhubeka nokona. Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu aphile impilo yokungabi nacala kodwa ebe enza isono?
Impendulo yokuqala ekuphileni impilo engenacala ukuthi uJesu walisusa icala lakho wakwenza walunga. Ake ubuke izincazelo zezinto uJesu azenzela thina zoni.
“Nani ekade ningabafokazi nezitha engqondweni ngemisebenzi emibi,nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe”
KwabaseKholose 1:21-22
“ukuze ningasilalelwa nasinye isiphiwo somusa, nisahlalele ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Khristu, yena oyakuniqinisa nani kuze kube sekupheleni, ningabi nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Khristu”.
1 kwabaseKhorinte 1:7-8
singakwazi ukuphila impilo njengabangenacala ngoba uJesu ulisusile icala lethu lazo zonke izono esizenzile.
Impendulo yesibili ekuphileni impilo engenacala sibe siyizoni ukuthi, siphila ngendlela engawenzi ukuba ande amacala ethu. Sifuna okulungile, okungcwele, nokuhloniphekile kanye nokuhle. Ilokhu ababonisi bethu (1 Thimothewu 3:2; Thithu 1:6-7) kanye namadikoni (1 Thimothewu 3:10) okufanele babe yikho phambi kwethu. Kodwa lokhu futhi kuyilokho okufanele bonke abazalwane babe yikho, kusuka kubafelokazi asebebadala kanye nalabo ababanakekelayo (1 Thimothewu 5:5-8), kuya kubazalwane nje abajwayelekile abaphila kulelizwe elibi (Filiphu 2:15).
Phila ngendlela yokuthi uma umuntu efisa ukukusola ngokwenza okubi, kuyofanele ukuthi baqambe izinsolo ezingamanga. Phila impilo engenacala ugqugquzelwa yinsindiso iNkosi eyenzele umphefumulo wakho, kanye nokufisa ukulunga ngokulalela uNkulunkulu okusobala kubo bonke.
Ngokuba ukulalela kwenu kuzwakele kubo bonke; ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kepha ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe ngabangahlakaniphile kokubi.
KwabaseRoma 16:19