Yize noma incwadi yeZaga inezindlela eziphathekayo  eziningi zokwakha futhi ziqinise ubudlelwano obuphukile futhi obubuthaka, yincwadi yakwabase-Efesu enesisho esigqamayo esibonakalisa ukuba wusizo olukhulu uma kuziwa ekucabangeni ngendlela yokuqinisa ubudlelwano obubuthakathaka.

Kwisahluko esikhuluma ngendlela amalunga ebandla akhulisana ngayo ukuba afuze uJesu, isisho “eqinisweni ngothando” siyanikezelwa. Impela “eqinisweni ngothando” ukuhlanganiswa kwazozonke izindlela ezisebenzayo ekwakheni omunye nomunye. Lokhu kubonakala ngokusobala ebandleni eliphilile, kodwa kuyiqiniso kubona bonke ubudlelwano.

Ngokwamandla ethu nobuthaka bethu, sijwayele ukugcizelela okunye ngaphezu kokunye. Abanye bethu bafuna nje ukukhombisa uthando kubudlelwano obuphukile. Abanye bafuna ukukhuluma iqiniso. Lokhu kwenza kube khona amaqembu amabili abangani angcina wona esexabana wodwa ngendlela ekumele yenziwe ukusiza umngani othile. Lokho okwaqala kuyimizamo ehlanganyelweyo  ukwenzela ukusiza umngani, sekuvele kwaphenduka kwaba khona amaqembu amabili enza isimo sonke sibenzima kunakuqala.

Kodwa lokho okudingwa nguNkulunkulu ukuba kukhule ibandla kuyasebenza nakubudlelwano bomuntu siqu futhi. “eqinisweni ngothando”. Hhayi iqiniso noThando engathi kwenyinkathi kudingeka iqiniso elithile, bese kuthi ngenye inkathi kudingeke uthando oluthile, kodwa Eqinisweni ngoThando.

Khuluma Iqiniso. Ukuteketisa umngani wakho kumugcina esezinkingeni zakhe ( IZaga 29:5); khuluma iqiniso. Kodwa iqiniso elikhunywe kabi lenza umonakalo njengeqiniso elingazange likhulunywe ( IZaga 12:18). Kumele kubekhona iqiniso ngothando uma kufanele kubekhona ukukhula nanoma yikubuphi ubudlelwano. Khuluma komunye ngokuvulelekile, ngokuthembeka, nangemininingwane eyiqiniso ngezinto eziphule ubudlelwano ( Efesu 4:25), futhi nangenhliziyo ehlose ukwakha kabusha, intshiseko yokuba khona kokuthula, nokuzibophezela ekuthwalisaneni imithwalo kuze kube sekugcineni ( kwabaseGalathiya 6:1-2)