To be married is very very special
Incwadi yeBhayibheli uMshumayeli ikhalela ukuba yizeleze kwayoyonke into empilweni. “Konke kuyize” yilona ikhorasi layo. Ukuhlakanipha kuyizeleze, ngoba uma ukuhlakanipha kwakho kulokhu kukhula yilapho impilo yakho iba lusizi. Ukuzanelisa ngezinto kuyizeleze, ngoba ayikho into eyanelisayo. Umesbenzi onzima awunamqondo, ngoba isizukulwane esizayo sivele siwushaye indiva. Ingcebo nokuhlonishwa kuyizindlela nje zokwandisa izinkathazo zakho. Bonke abantu bayafa, ayikho into ebakhona unomphela, yonke impilo ngendlela engenakungwemeka imiselwe isiphelo, yilowo umyalezo wencwadi yoMshumayeli.
Kodwa, into efihliwe emakhasini encwadi yoMshumayeli kukhona ezimangalisayo izenzo zokuveza ukuthokoza, ukujabula nokugculiseka. Injabulo yokuqala efihliwe kuMshumayeli wukukholwa kweqiniso, ukuMesaba uSIMAKADE. Thokoza ngalokho uNkulunkulu akuphe kona, mesabe Yena bese wenza lokho Yena akushoyo, futhi yebo, ngisho na lezizinto eziyizeleze zempilo yasemhlabeni zizokugcwalisa ngenjabulo nenjongo.
Okunye ukuthokoza okufihliwe emakhasini encwadi yoMshumayeli yilokho komshado.
jabulela impilo nomkakho omthandayo, zonke izinsuku zempilo yakho eyize akunike yona phansi komthunzi welanga
UMshumayeli9:9
Futhi iyiphi incwadi elandela uMshumayeli eMabhayibhelini ethu? Isihlabelelo Sezihlabelelo. Ukuhlakanipha okungelinganiswe nokunye kweNkosi uSolomoni kubekwe kwakhangiswa ngakho kwincwadi yoMshumayeli,kulandelwa, futhi ngokufanelekile kucinaniswe yiSihlabelelo Sezihlabelelo; isihlabelelo esidlula zonke izihlabelelo. Ngokwencwadi 1 Amakhosi 4:32, uSolomoni wabhala izihlabelelo eziyi-1005. Bese lesi sizidlula zonke.
UMshumayeli uthi impilo iyizeleze– okuyizona izinjabulo zangempela ukukhonza ngokweqiniso kanye nomshado. Bese ke Isihlabelelo Sezihlabelelo, sona sithatha ngokuthi ukukholwa kwakho vele sekumi ngendlela, sikhalisa kakhulu amathini omshado ukuze kuzwe wonke umuntu. Isihlabelelo Sezihlabelelo sigubha umshado njengeqiniso lempilo yasemhlabeni elihle kakhulu futhi eliphezulu kakhulu. Ngisho nangemuva kwaso sonke isono sakuGenesisi 3, umbono kaNkulunkulu oshicilelwe ngomshado ukuthi umshado uyisona sizathu sasemhlabeni esidlula zonke sokuthi kube khona umgumbo.
Ukufingqa okulula Isihlabelelo Sezihlabelelo, yebo okulula ngisho nokuthi abantwana bakho nabo bakuqonde, yilokhu:
Ukushadelwa, kuyigugu elikhulu kakhulu.
KuMakhrestu, ngakube ushadelwe noma awushadelwe, umshado kumele uvuse indumiso– hhayi amahlaya okuwudicilela phansi, hhayi inhlekisa, hhayi ukuqeda ithemba, hhayi ukuwukhuluma kabi—kodwa Indumiso! Yenza umshado wakho, noma uma ungashadelwe, umbono wakho ngomshado ube wumbhobho wecebo likaNkulunkulu ngomshado. AmaHebheru 13:4 asho lokhu: “Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke”
