Helping other with what you know and practice

Eminyakeni yokuqala yokusabalala  kweVangeli leNkosi uJesu Khristu abantu abaningi ababeqhamuka kwizimpilo ezibhedayo basindiswa. Izimpilo zabo zashintsha. Olunye loshintsho lwenzeka ngaso lesosikhathi, olunye loshintsho lweza ngemuva ngomzalazo omude wokulwa nemikhuba emdala. Kodwa Iqiniso lelo abalizwa lakhiqiza ushintsho olwase lukubona. Iningi labo abazange baba yizisebenzi kanye nabanye Abaphostoli, kodwa noma kunjalo, kwakukhona umsebenzi wokukhonzana ababekwazi ukuwenza.

Wonke uMkhrestu, ngokukholwa nje yiqiniso leVangeli, nokushintshwa nje yena uqobolwakhe, uyakwazi ukufundisa nabanye ukwenza lokho okwenzekile kuyena.

Kepha nami bazalwane bami, nginesiqiniseko ngani ukuthi nani uqobo nigcwele ukulunga, nigcwalisiwe ngalo lonke ulwazi, futhi ninamandla okuyalana.

KwabaseRoma 15:14

Ungazizwa engathi angeke ukwazi ukubhekana nobuxakaxaka bezimo ezithile, futhi ungazizwa engathi awuwazi wonke amavesi labo abangabaluleki ngokweBhayibheli abawazi ngekhanda, kodwa uyakwzi ukubina ukuziphatha okuyisono, nokuthi abantu uyazi ukuthi ubakhombe kanjani kuKhristu ukuba baxolelwe izono, nokusiza abantu ukuthi benze kahle. Ulwazi lweqiniso leVangeli elakusindisa wena yiqiniso elizosindisa umngani wakho. Ubuhle lobu okwaze ukushintshanisa ngabo izenzo zakho eziyisijwayezi esiyisono, kusawubuhle obuzosiza umngani wakho ukuba naye ashintshe. Kungakho uMphostoli owaziwayo uPawuli akwazi ukubhalela iqoqo laMakhrestu ayengakaze ngisho ahlangane nalo, alibhalele ukuqinisekisa ukuthi ugculisekile ngokukwazi kwabo ukusizana.