Bible Study that pleases the Author
UNkulunkulu weBhayibheli unguNkulunkulu okhulumayo – futhi Okhuluma ngokucacile. Ibhayibheli linjengelanga elikhanyisa ngale kwenkungu yemiqondo yethu egcwele ukona bese iletha isambulo esivela kuNkulunkulu ukuba sibonakele ezimpilweni zethu. Ngokudabukisayo-ke kodwa, uma ubuka ukuthi mangaki amahumusho ahlukahlukene anoma yisiphi isihloko akhona kuBukhrestu obuvuleleke nakweminye imibono yeskhathi, kuzwakala engathi iBhayibheli yilona eliyinkungu nokuthi uNkulunkulu ukhuluma kuphela ngendlela engacacile kahle ne ncazelo engenasiqiniseko evela komoya. Kodwa into ayikho into eqhelelene kude neQiniso njengale! UNkulunkulu unguNkulunkulu wokuhleleka, iQiniso futhi uhlose ukuthi Izwi Lakhe liqondwe ngokucacile.
Nanka amatemu namathiphu alula ongakwazi ukuwasebenzisa ukufunda nokucubungula Izwi likaNkulunkulu ayayazisa incazelo kaNkulunkulu ehloselwe ngeZwi Lakhe.
UKUQAPHELISISA (OBSERVATION) vs INCAZELO (INTERPRETATION) vs. UKWENZA LOKHO OKUFUNDILE (APPLICATION) (Akusizona izinto ezifanayo! Kugcine kwehlukene!)
- UkuqaphelisisaLamagama wona abhaliwe athini njengokubhalwa kwawo.
“ubuciko bokuqaphela” - IncazeloAchaza ukuthini lamagama ngokomqondo wawo (umqondo wombhali) .
Yini lokho uNkulunkulu ahlose ukukudlulisa? - Ukwenza lokho okufundile
Angithinta kanjani mina lamagama alenkulumo.
Yisiphi isenzo lamagama alenkulumo adinga ukuba ngisenze?
Ngakho, ngokulandelayo uma ufunda ngesikhathi osakhele ukufunda kwakho, zama lokhu okulandelayo:
- Ukuqaphelisisa: bhala phansi lokho okukhkulunywa ngawo kuleyo nkulumo; ngubani? Yini? Laphi? Kungani? Kanjani? Ungabheki incazelo e “deep”, hlala kulokho okushiwo amagama enkulumo.
- Incazelo: bhala umusho owodwa ngalendlela: “[umbhali ongumuntu (isibonelo uPawuli, Phethro njalo njalo)] eqhutshwa uMoya ubhalela [ labo ayebabhalela ngesikhathi ebhala] ukuthi benze…..…”
- Ukwenza lokho okufundile: bhala ukuthi iphuzu olithola kwincazelo yaleyonkulumo kumele yenziwe kanjani 1) nguwe, and 2) amanye Amakhrestu. Zama ngandlela zonke ukugcina okumele kwenziwe kuyilokho okushiwo yinkulumo.
Ungazibhekeli wena leyoncazelo ethandwa nguwe, noma ngokukhohlisa ukhande eyakho oyincamelayo. Izwi likaNkulunkulu kumele laziswe, lingahlukunyezwa. Ngalendlela isikhathi sakho ozakhele sona sokukhuleka asisona nje esokuzisiza wema, kodwa ngokweqiniso isikhathi somkhuleko ongathi ngaso uNkulunkulu ukhulumile kimina.
