Ukuthanda Izigameko Zakudala eziseBhayibhelini

Loving the Ancient Events In the Bible

Izikhawu ezimbili lapho uMphostoli uPawulu esitshela ngezigameko ezahlukene ezilotshwe emiBhalweni Engcwele. Kwenye inkulumo wayekhuluma ngokomqondo wokulingwa kwabantu ukuba bone, kwenye inkulumo wayekhuluma ngokomqondo wokubekezela ekukholweni. Nakhu asitshela kona ngazo:

“ kwalotshelwa ukuba kusifundise”

KwabaseRoma15:4 kanye nabo-1KwabaseKhorinte10:11

Kuthande lokhu ngeZwi likaNkulunkulu! Ngisho izingameko zeThestamente Elisha zindala kakhulu kunesikhathi esiphila kusona thina. Kodwa makadunyiswe uNkulunkulu, ngokuthi zisasifanele nathi kulesisikhathi. Wonke umBhalo kungenzeka impela ukuthi owakudala, kodwa okulotshwe kuwo “ kwalotshelwa ukuba kusifundise”. UNkulunkulu uvezwe ngokucacile kulezizigameko zakudala, futhi umBhalo usiqophele ingxenye Yakhe kulezozigameko ukuze thina samukele umyalelo. Incwadi 1 KwabaseKhorinte 10 isebenzisa izindaba zakudala zesono nokulingwa ukubizela ebungcweleni isizukulwane esasiphila ngezikhathi zabaseKhorinte, abaseRoma 15 basebenzisa izindaba ezindala ukusibizela ukuba sime siqine ethembeni yize kukhona ubunzima obuningi.

Nakuba yikuphi okwakulotshwe phambilini, kwalotshelwa ukuba kusifundise ukuthi ngokubekezela nangokugqugquzelwa yimibhalo, sibe nethemba.Sengathi uNkulunkulu wokubekezela nokugqugquzeleka anganipha nibe nakuqonda kunye phakathi kwenu maqondana nokukaKhristu uJesu, ukuze nganhliziyonye nangamlomo munye nidumise uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu.

KwabaseRoma15:4-6

Lapho ufunda kwizindaba zakudala eMibhalweni, ungapheli amandla, gcwaliswa ngesibindi, yima uqine ngendlela yokuthi indaba yakho nawe ihlanganiswe neyabo ngokomqondo wokuthi uNkulunkulu adunyiswe ngezimpilo zethu.

Scroll to Top