Bible interpretation for every Christian
Sidinga ukufunda amaBhayibheli ethu kangcono. Esikhathini esiphila kuso kubukeka engathi wonke umuntu wazi okuthile ngeBhayibheli, yize bona qobolwabo bengalifundi iBhayibheli. Labo abalifundayo iBhayibheli bavamise ukushiyeka bedidekile ngalokho okuyikona okushiwo imiBhalo uma kuqhathaniswa nendlela edumile ekusitshenziswa ngayo izindimana ezithezi.
Pho kungenzeka kanjani ukuthi ngisho nalowo osanda kuphendukela kuBukhrestu akwazi ukutolika iBhayibheli ngendlela okuyiyona? Impendulo ilula ngaphezu kokuba ungacabanga, futhi yize noma kudinga sithi ukufaka amandla kancane kwisikhathi sethu sokukhuleka, lowomzamo unomvuzo omkhulu futhi uyakhululana kahle kakhulu.
Kwisikhathi sakho sokufunda iBhayibheli namhlanje, hlukanisa phakathi kwezinto ezimbili ezisobala. Eyokuqala ukuthi “Sithini lesisiqephu?” bese owesibili “Yikuphi lesisiqephu esikudingayo kimina?”. Le yokuqala iphathelene nencazelo, yamagama avela emlonyeni kaNkulunkulu esikhathini eside esidlulile. Eyesibili iphathelene nalokho okudingeka wena ukwenze namhlanje. Zonke iziqephu zinencazelo eyodwa qhwaba, kodwa ukwenziwa kwayo kuhlukene kaningi.
Sebenzisa lomhlahlandlela ukukusiza ukuthi uqaphele kangconywana ekufundeni kwakho iZwi likaNkulunkulu.
Imibuzo esobala yokuthola incazelo okumele uyibuze ngesikhathi utadisha umBhalo
- Ngubani obhalayo futhi ubhalela bani (noma ubhala uqondise kubani)?
- Yisiphi isikhathi abhala ngaso?
- Yimaphi amagama awabhala?
- Kungani abhala lokho akubhala?
- Wawubhala kanjani umyalezo wakhe?
Ukuyibeka kalula: “Yini eyayichazwa yilesisiqephu somBhalo”?
Imibuzo esobala yokwenza okushiwoyo okumele uyibuze ngesikhathi utadisha umBhalo
- Ngakube kukhona iQiniso ekumele ngilikholwe?
- Ngakube kukhona uMyalelo ekumele ngiwuthobele?
- Ngakube kukhona iSethembiso ekumele ngithembele kuso?
- Ngakube kukhona Isibonelo ekumele ngisilandele?
- Ngakube kukhona iSono ekumele ngisigweme noma ngiphenduke kuso?
Ukuyibeka kalula: “Yikuphi lesisiqephu esikundingayo kimina?”
