Mourning the Oppression of the Helpless
Ngenxa yokuba khona nokwanda kwesono, lelizwe lilinyazwe futhi lonakaliswe yizenzo ezesabekayo zalabo abanamandla abacindezela abangenakuzisiza. Kungaba yimpi enkulu phakathi kwezizwe ebhubhisa ngisho nezakhamuzi zazo, noma ukubulawa komntwana osesesiswini sikanina, siyakhala ngenxa yokucindezelwa kwabangenakuzisiza.
Ngakho-ke akumangazi ukuthola emiBhalweni eNgcwele amazwi okuhlakanipha ezikhathi zokucindezelwa. Cishe lonke iBhayibheli limayelana nempilo ephakathi kokuphuma kwabantu eNsimini yase-Edene encwadini kaGenesisi nokungena kwethu eMbusweni waphakade ochazwe encwadini yeSambulo.
Kuzo zonke izincwadi uNkulunkulu asembulele zona, incwadi yoMshumayeli iyona ekhuluma ngokusobala kakhulu ngezimo ezidabukisayo zaleli zwe. Ngakho-ke akumangazi ukuthola ukukhuluma ngokucindezelwa kwabangenakuzisiza phakathi emakhisini ayo.
Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza. Ngacabanga ukuthi asebefile bangcono kunalabo abasaphila; 3 kodwa ongcono kakhulu yilowo ongakazalwa, ongakayiboni imisebenzi emibi eyenzeka phansi komthunzi welanga.
UMshumayeli4:1-3
Nathi siyadabuka ngendlela efanayo, akunjalo yini, lapho sizwa ngalabo abahlushwa yisiphithiphithi sempi, ukukhishwa kwezisu ngokunganaki, ukuxhashazwa ngokwezimali, inkohlakalo kwezombusazwe, nokunye okufana nalokho. Impela, siyacabanga ukuthi kungcono ukuba umuntu ngabe usefile kunokuphila ebhekene nokucindezelwa noma ngisho nokukubona ngamehlo akhe. Noma, okungcono nakakhulu, njengoba lawo mavesi evuma, kungcono ukuba umuntu akazange azalwe—akazange abe khona nhlobo—kunokuba abone noma abhekane nokucindezelwa okunonya.
Kodwa incwadi yoMshumayeli ayiyona nje inkundla yomphakathi yokukhuluma ngokukhungatheka komuntu; njengoba iyiZwi likaNkulunkulu, isinika ukuhlakanipha ngaphambi kokuba sizinikele ezimpendulweni zobuwula. Kamuva futhi, incwadi yoMshumayeli iphinde iveze iqiniso lokuthi ukucindezelwa kuyinto ekhona emhlabeni.
Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.
UMshumayeli 5:8
Lapho udabuka ngenxa yokucindezelwa okungenakubalwa kwabangenakuzisiza ezikhathini zethu, ngaphambi kokuba uvule umlomo wakho, usayine i-petition, noma ubhale ezinkundleni zokuxhumana, qala ume uqine phezu kwemfundiso yeqiniso yeBhayibheli. Misa izinyawo zakho ziqine eqinisweni ngesono—ungamangali ngalolu daba; siyethuka, siyadabuka, futhi siyalila, kodwa asimangali. Inkinga enkulu yomcindezeli ayikho kuphela ezenzweni zakhe, kodwa isenhliziyweni yakhe. Okwesibili, misa izinyawo zakho ziqine eqinisweni ngoMahluleli oPhezukonke kanye noSuku Lokwahlulela Lokugcina. Makabongwe uNkulunkulu, ngoba uyophindisela zonke izenzo zokucindezela, futhi uyovikela wonke umuntu ongenakuzisiza oye waba yisisulu sokucindezelwa.
Khulekela abangenakuzisiza; melana nokucindezelwa ngokuvikela abacindezelwayo; lila ngenxa yemiphumela yesono. Kuzo zonke lezizinto, yima uqine okholweni lwakho wazi ukuthi oPhezukonke akasoze avumele noma yisiphi isono sidlule singajeziswanga. Ezinye izono uyozijezisa ngemiphumela yasemhlabeni nangokwahlulelwa kwaphakade; ezinye izono wazibeka phezu kweNdodana Yakhe ethandekayo, ukuze ngisho nabacindezeli ababi kakhulu basindiswe. Kodwa qiniseka ngalokhu: oPhezukonke ubhekile, futhi akakhethi bala lamuntu ekwahluleleni Kwakhe.
