Ukwahlulela kukaNkulunkulu kuhlezi kuzofika ngempela

God’s Judgments Always Come True

Ensimini yase-Eden, uNkulunkulu waxwayisa uAdamu noEva ukuthi uma bengalaleli ngentobeko okuyiwona kuphela umthetho obanqabela ukwenza okuthile owanikezelwa kubona, ukuthi bazofa nokufa (Genesisi 2:17). Kodwa-ke, abazange bafe ngaso lesosikhathi beqeda ukuphula umthetho kwisahluko sesi-3. Ngakube lokhu kuchaza ukuthi ukwahlulela kukaNkulunkulu kwakuwukusabisa nje okungenayo imiphumela? Yilapho-ke uGenesisi 5 ephendula khona umbuzo.

Isahluko esivame ukweqiwa ngenxa yohlu lwamagama angajwayelekile kanye nezinombolo ezinkulu, kukhona iqoqwana lamagama eliphindaphindwayo kulesisihluko elenza lesi kubeyisahluko okulula kakhulu ukusiqonda.

Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Adamu yaba ngama-930, wayesefa.

Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguSethi yaba ngama-912, wayesefa.

Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Enoshe yaba ngama-905, wayesefa.

Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguKhenani yaba ngama-910, wayesefa.

Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguMahalaleli yaba ngama-895, wayesefa.

Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguJaredi yaba ngama-962, wayesefa.

IGenesisi5:5, 8, 11, 14, 17, 20

Ngisho nalowo owaba ngohlukile kulokuphindaphindwa okuku-Genesisi 5 wasuswa emhlabeni, yize noma kwaba ngendlela ehluke kakhulu kunokujwayelekile, umusa, ongachaziwe ngokuphelele.

U-Enokhi wayehamba noNkulunkulu.Wanyamalala, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.

IGenesisi5:24

Kudlule lapho kubuyele kukho ukuphindaphinda,

Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguMethusela yaba ngama-969, wayesefa.

Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguLameki yaba ngama-777, wayesefa.

IGenesisi5:27, 31

Bese-ke loluhlu luyaphazamiseka ngenxa yokuthi indodana kaLamekhi kwakungu-Nowa, futhi yilowo isahluko 6 esiphathelene naye. Kodwa ngisho nezahluko esesi-6 kuya kwese-9 ziphathelene nomhlaba nokufa komhlaba wonke ngenxa yezono zawo.

Ukwahlulela kukaNkulunkulu kuhlezi kuzokwenzeka ngempela. Isizathu sanoma yiluphi uhlobo nokubambezeleka, yingoba ebulungisweni obukhulu Bakh, uNkulunkulu uhlezi ekhombisa isineke kanye nobubele futhi.

INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye becabanga ukuthi ilibele, kepha iyanibekezelela, ngoba ingafuni kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke bafinyelele empendukweni. Kepha usuku lweNkosi luyakufika

2kaPhethro3:9-10

Scroll to Top