The make-up of a human being
IBhayibheli lisebenzisa amatemu amaningi ukuchaza isidalwa esingumuntu. Lawo ajwayelekile ilawa, umzimba, ingqondo, umoya, umphefumulo, nenhliziyo.
Umzimba ingxenye yomuntu esingayithinta ngezandla, ile-engaphandle, ebonakalayo. Inyama yethu. Ayinakho ubuhle noma ububi ngokungokwayo. Ingeyesikhashana njengalokhu izakubuyela othulini lapho sifa (IHubo 104:29; UMshumayeli 3:20). Kodwa, iyingxenye ebalulekile yokuba umuntu, futhi siyakunikezelwa imizimba yenkazimulo ngemuva kokufa esiyakuphila ngayo kwingunaphakade (ngokukaJohane 5:28-29; 1 kwabaseKhorinte 15:52-52; Isambulo 20:12).
Ingqondo ilengxenye yomuntu ecabangayo. Yilapho siqhamuka khona namacebo (Nehemiya 6:8), sihlela ikusasa (IZaga 19:21), sikhumbule osekwadlula (Izaya 46:8), sikholwe ngesiqiniseko iqiniso (kwabaseRoma 14:5), sidingida khona izinto ukuze sibe nokuqonda ( 1 Amakhosi 3:9; ngokukaLukha 24:45). Sikwazi khona ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi (KwabaseRoma 12:2) naphakathi kokuhlakanipha nobuwula ( 2 IZikhronike 9:23; Isambulo 17:9). Ingqondo kuyenzeka ingabi nazo izithelo ezinhle, ibe yimbi, ibe ngengcolile, ibe eyonakele, (KwabaseRoma 1:28; KwabaseKhorinte 14:14), futhi ingenziwa ibe yintsha ibe ngehlanzekile (KwabaseEfesu 4:23).
Umoya isikhathi esiningi kusuke kugcizelelwa lengxenye yomuntu axhumana ngayo noNkulunkulu. Impela iyingxenye yomuntu engaphatheki ngezandla. Isimo somoya wethu isona esikhomba ukuthi impilo yethe yaphakade izoba njani (ngokukaMathewu 5:3). Umoya wethu uyasuka emzimbeni wethu lapho sesifa ( ngokukaMathewu 27:50; IZenzo 7:59; EkaJakobe 2:26), futhi umoya wethu yiwo ochaza ubunjalo bobudlelwano bethu noNkulunkulu (KwabaseRoma 1:9, 8:16).
Umphefumulo womuntu ugcizelela lengxenye ephilayo yobukhona bethu. Ukuphila nokufa komzimba kunqunywa yiwo umphefumulo (IGenesisi 2:7). Kubonakala engathi umphefumulo isisekelo sayoyonke into engaphatheki ngezandla kubalwa indlela yobunjalo bomuntu ngamunye, ikhono lomuntu, nemizwa. Unokuhlobana nomoya ngokuthi nawo awuphatheki ngezandla, uphila phakade, futhi ubuyela kuNkulunkulu uma usushiya umzimba wenyama (Isambulo 20:4).
Okokugcina, inhliziyo yomuntu yona ibukeka ihlanganisa yonke into engaphatheki ngezandla enokwenza nendlela umuntu adalwe ngayo. Inhliziyo yakho ubuwena bonke– yonke into oyiyo, oyicabangayo noyenzayo (IZaga 4:23). Isezimpandeni zokuphila komuntu, futhi ikhohlakele (Jeremiya 17:9) iyadinga ukuba yenziwe ibe yintsha ukuze izokwamukeleka kuNkulunkulu (kwabaseRoma 6:17).
Ngakhoke kubukeka engathi umzimba womuntu yingxenye eyodwa yomuntu ecacile—iyaphatheka ngezandla. Wonke lawa amanye amatemu abukeka enokuhlangana yize ebonisa ukugcizelela izinto ezihlukene zengxenye engaphatheki ngezandla yokuba ngumuntu. Kubonakala engathi UMbhalo usebenzisa amagama umphefumulo nomoya njengamagama asho into eyodwa (ngokukaLukha 1:46-47) futhi womabili abukeka efaka phakathi indlela yokucabanga komuntu (IZenzo 14:2 qhathanisa ne-IGenesisi 41:8; kube abaseFiliphu 1:27), futhi afaka phakathi imizwa yomuntu (1 Samuweli 1:15). Ngakho, isidalwa esingumuntu senziwa umzimba kanye nomoya /umphefumulo (kubalwa phakathi nengqondo nenhliziyo), lezingxenye zombili (umzimba kanye nomoya/umphefumulo) zihlanganisa isiqu somuntu esihlangene.
Umyalelo omkhulu kunayoyonke ukuthanda iNkosi uNkulunkulu wakho. Lomyalelyo uhlezi ufaka phakathi ukuhlukahlukana kwalamagama agcizelela izingxenye ezahlukene zalokho esiyiko ( Idutheronomi 6:5; 10:12;11:13;13:3;30:6; Joshuwa 22:5; Mathewu 22:37; Makhu 12:30; Lukha 10:27).lamagama angenhla angqamisiwe afaka phakathi hhayi kuphela ingxenye esiyo engaphatheki ngesandla, kodwa kodwa namandla omzimba wenyama yethu. Ngamanye amazwi, isenzo esikhulu sokulalela ngentobeko ukuthanda uNkulunkulu ngawe wonke.