Counselling in a Nutshell

    Yini Ukwelulekwa okuya ngokweBhayibheli futhi kungani amabandla Amakhrestu ekugqugquzela kangaka?

    Incasiselo yokwelulekwa okuya ngokweBhayibheli

    Mhlawumbe incasiselo emfushane kakhulu yokwelulekwa okuya ngokweBhayibheli iyanikezelwa lapha ku 1 kwabaseThesalonika 5:14 .

    Bazalwane, siyanikhuthaza futhi niwayale amavila; duduzani abajabhileyo, nisekele ababuthakathaka, futhi nibabekezelele bonke.

    1 kwabaseThesalonika 5:14

    Ukwelulekwa okuya ngeBhayibheli kungachazwa ngokuthi ukulethwa komunye nomunye kwemininingwane yamaqiniso eBhayibheli eqondene nesimo esithize, ilethwa ngamadoda nabesifazane abanobunkulunkulu.

    Ukwelulekwa okuya ngokweBhayibheli akusikona okohlobo oluthile oluphambili lomelusi, i-elder, noma umfundisi. Kunalokho, nanoma ngumuphi uMkhrestu onolwazi oluhle lweMibhalo nokuzibiphezela ngokoqobo kubuhle bokuphila ngobungcwele uyakwazi ukunikezela komunye amaqiniso eBhayibheli aqondene nesimo esithize.

    Kepha nami bazalwane bami, nginesiqiniseko ngani ukuthi nani uqobo nigcwele ukulunga, nigcwalisiwe ngalo lonke ulwazi, futhi ninamandla okuyalana.

    KwabaseRoma 15:14

    Umqondo oyisisekelo soKwelulekwa okuya ngokweBhayibheli

    Amakhrestu angaba nokuthembela okukhulu kuKwelulekwa okuya ngokweBhayibheli uma kuqhathaniswa nabeluleki balomhlaba abaphambili. Isizathu salokho yingoba sesikhanyiseliwe ngomusa kaNkulunkulu nolwazi lukaNkulunkulu. Wonke uMkhrestu ungubufakazi bokuthi uNkulunkulu ngendlela esebenzayo impela uyayiguqula indlela esicabanga ngayo nesenza ngayo. Ngaphezu kwakho konke lokhu, uJesu wenza ngokuqinisekisiwe ukuthi asisoze saswela lutho ukuba sibe ngabamsulwa kunembeza kuze kube Uyabuya. Ngaphezu kwakho konke, umqondo wethu wokukholelwa kukwelulekwa okuya ngokweBhayibheli kusekeleke ngokuqinile ekuthembekeni kukaNkulunkulu kokufeza umsebenzi Awuqalile ngesikhathi esibizela Kuye.

    Konke lokhu kuwukuphinda amazwi aku 1 kwabaseKhorinte 1:4-9

    Ngimbonga njalo uNkulunkulu wami ngani, ngenxa yomusa wakhe eniwuphiweyo kuKhristu uJesu, ukuba ezintweni zonke, nicetshiswe kuye; ekukhulumeni nasekwazini konke njengalokhu ubufakazi ngoKhristu buqinisiwe kini, ukuze ningasesweli nesisodwa nje isiphiwo somusa, njengokuba nikulindele ngokushisekela ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Khristu. NguYena oyakuniqinisa nani kuze kube sekugcineni, ningabi nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Khristu. Wethembekile uNkulunkulu owanibizela ebudlelwaneni neNdodana yakhe, uJesu Khristu iNkosi yethu.