Ukwesaba uSIMAKADE kukaNowa

Noah’s fear of the LORD

Ezinye zezifundo ezibalulekile esizufundayo empilweni kaNowa, ukuba sithobeke ngokulale ngokukholwa njekuphela.

AmaHebheru 11 kulapho kuqoshwe khona amadoda nabesifazane abaziwa ngoukholwa kwabo okuvelele, kodwa okukwaziyo ukuba kulingiswe. Uvesi 38 uthi labantu babengaphezulu kwalokho okwakufanele lomhlaba, isizathu sezincomo eziphezulu kanje kwakungenxa yokuthi ukukholwa kwabo yiyona into eyayihlaba umxhwele ngabo.

UNowa ukulona loluhlu kuvesi 7

Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe ngezinto ezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe,ngokwenza kanjalo wawuhlulela umhlaba wabayindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.

Ukukholwa kuNkulunkulu kuhlangana noKwesaba uNkulunkulu. Kungokukholwa, ukuthi uNowa wakwazi ukukholelwa kuNkulunkulu. Futhi kungokwesaba, ukuthi uNowa wakwazi ukuthobela uNkulunkulu ngokulalela.

UNkulunkulu akazange abhije ingalo kaNowa ukuze akholwa isithembiso sozamcolo ozokwehliselwa emhlabeni wonke. UNkulunkulu akazange athumele izangoma zezulu zesikhathi sikanayo ukuhlaziywa ngokwesayinsi kwesimo sezulu esasizofika. UNkulunkulu wamtshela nje uNowa ukuthi kuzokwenzeka. UNkulunkulu wavele wafika kuNowa namacebo aphelele, wamtshela ukuthi kuzokwenzakalani, wabe eseyalela uNowa ukuthi akakhe ‘isitsha’ esikwazi ukuntanta emanzini esingakwazi ukumelana namagagasi angamamitha awu-30 ukuyaphezulu.

Ukuba yindoda yokholo, enokwesaba uNkulunkulu okuphilile, uNowa waphendula ngokufanelekile kuNkulunkulu njengoNkulunkulu Wakhe. Uma uNkulunkulu ekhuluma nanoma yini Ayeyisho, uNowa wayelalela uNkulunkulu ngokuthobeka. Ukumesaba uSIMAKADE kwamnika amandla uNOwa okukwazi ukulalela ngokukholwa nje kuphela. UNowa wayazi ukuthi indaba yokuhleleka ngokomqondo womuntu nesikhathi sokulokhu ucabanga akusebenzi uma kuwukuthi uNkulunkulu nguye okhulumayo.

KuGenesisi 6:13-21 yingxoxo yokuqala kaNkulunkulu noNowa. Ifaka phakathi nesexwayiso ngozamcolo nakho konke ukuyalezwa ngokwakha umkhumbi. Uvesi 22 yilona kuphela ivesi elibophezelwe ekukhulumeni ngokwakhiwa komkhumbi.

UNowa wakwenza konke lokho uNkulunkulu ayemyale ukuba akwenze.

Iminyaka eyi-100 le ekukhulunywa ngayo kuvesi 22! Kwindoda emesabayo uSIMAKADE, isikhathi esidingakalayo ukuba ulalele ngokuphelele asisho lutho. Iminyaka eyikhulu yokulalela okwadingeka ukuba iphele ukuze kubekhona lelivesi eMbhalweni. Iminyaka eyizinkulungwane elandelayo, siyazi ukuthi indaba yaphela kanjani. Siyazi uNkulunkulu wayeqinisile, ngakho kwaba yinto enhle ukuba uNowa alalele.

Ukumesaba uNkulunkulu kulkhiqiza ukuthobeka ngokulalela kweqiniso okusekeleke kuphela ekukholweni kuNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ekushilo, laphoke lokho yiyona into elungile ukuba yenziwe, ngakho ngizoyenza.

Scroll to Top