Taking God at His word or Not!
Ukufunda iTestamente Elidala kunjengoku bheka (noma uku-browser) izindaba ezishisa ibunzi kufacebook, kutwitter, nakwizindaba ‘zaMakhrestu’ konke kuhlanganiswe ndawonye. Lomkhuba wamanje osudumile ‘woBukhrestu’ wokutusa iZwi likaNkulunkulu, kuthathiselwe eZwini likaNkulunkulu umusho owodwa, noma kokunye kuthathiselwe izinkulumo ezinedumela ezingekho ngisho ukuba khona eZwini bese zibhekiswa kuNkulunkulu, uyinto echaza isimo senkathi uJeremiya uMprofethi wangempela ayeshumayela kuso.
KuJeremiya 42, abantu ngokuzimisela beza kuye ukuzozwa iZwi likaNkulunkulu. Bacela ukutshelwa iZwi likaNkulunkulu khona bezokwazi ukuthi benzeni ngezimpilo zabo ( Jeremiya 42:2-3). Njengomfundisi kwisikhathi sanamhlanje, uJeremiya wathembisa ukubalethela iZwi likaNkulunkulu, kodwa, njengomfundisi namhlanje, wathembisa ukuba nika lona linjengoba linjalo noma angabaniki lutho– akukho ukweqa amavesi, akufakwa lokho okuthandayo kuphela, akukho ukuthathisela ngendlela ekungalotshiwe ngayo noma ukufundwa kwezinye iznto (Jeremiya 42:4). Abantu baphendula ngogqozi nokuzimisela ngokomoya (uJeremiya 42:5-6). Kwisikhathi sethu sanamhlanje lokhu kwakuzophelela kumashaneli eYouTube, imibhalo esezikibheni, ukudayiswa kwamathikithi ezinkundleni zemidlalo, nama-selfie agcwele kuzona zonke izinkundla zokuxhumana ongazicabanga.
Bese-ke iZwi likaNkulunkulu lafika kuJeremiya maqondana nesimo sabo, uJeremiya, njengalokhu ethembisile, walidlulisela linjengoba linjalo kubantu, igama negama.
Sebezwile lokho abebengakulindele, futhi abangakwamukelanga kahle, idlanzana labathile ababenedumela lasola uJeremiya ngokuqamba amanga (uJeremiya 43:2) base baphoqelela nabanye abantu ukwenza lokho bona abasebekucabangile ukukwenza sonke lesisikhathi ( uJeremiya 43:5 ukuya ezansi, qhathanisa noJeremiya 41:17).
Ngakube iZwi likaNkulunkulu ulithatha njengoba linjalo, noma cha? Ulifunda kanjani iZwi likaNkulunkulu?