UJesu unika isithombe sempilo yoBukhrestu njengebalazwe lomcebo lapho umaka uX ukhombisa indawo lapho inhliziyo yakho yakhele khona

“Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inokoniwa khona yinundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe. Kepha zibekeleni ingcebo ezulwini, lapho inundu nokugqwala kungoni khona, nalapho amasela engafohli khona, ebe. Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.

ngokukaMathewu 6:19-21

Into eyinkinga ephathelene nendlela yokwenza, njengokusho kosaziwayo abaningi asebemkantshubomvu kwezemephu yomcebo, ukuthi ukuthola umaka-uX akukho lula njengoba ungacabanga. UMbhalo uyawucacisa umaka-uX, kodwa uma uqwabelanisa noma umbhondelanisa imephu yoMbhalo ngempilo yakho, kungenzeka kubenzima ukuthi uwuqondanise kahle uX. Yini kahle kahle ewumcebo wempilo yakho? Yini into inhliziyo yakho egxile kuyona? Ngakube umaka-uX okwimephu yomcebo yempilo yakho uyahambelana nomaka uX okwimephu yomcebo yoMbhalo? Ngakube umaka-uX okwibalazwe lempilo yakho mhlawumbe usendaweni lapho inundu, ukugqwala namasela kubhubhisa yokinto ephakathi?

Nawu umbuzo ozokwenza uthi ukudla amathambo engqondo kancane ukuze uzothola indawana okuyiyo emake umcebo wenhliziyo yakho

Yiziphi izinto empilweni ezikwenza ukhathazeke kakhulu kunokuba izinto ezijabulisayo zikujabulisa?

( ungadinga ukuthi uwufunde uphindelele lombuzo ukuze uwuze isisindo sawo)

Ukuthi nje into ikwenza udumale, akuchazi ukuthi iyinto ewumcebo omubi obambelele kakhulu kuwo ukudlula ukubambelela kuKhristu. Isibonelo, uma kudlula emhlabeni othandiweyo wethu, siyadabuka, kodwa lokho akuchazi ukuthi lowomuntu besimthande kakhulu ukudlula ukukhonza kwethu uNkulunkulu. Kodwa, uma into ikudabukisa ngaphezu kokuba iqiniso likaNkulunkulu likwenza ujabule, laphoke leyonto iqopha umaka womcebo wenhlinziyo yakho.

Impilo yoBukhrestu yimpilo enokudida. Amakrestu ayakuzwa ukuba yizeleze kwempilo, kodwa nomakunjalo ayayizwa nenhloso yokuphilela inkazimulo kaNkulunkulu. Amakrestu ayalila ngenxa yesono, nomakunjalo ayathokoze kwintethelelo. Amakrestu aphilela ingunaphakade, nomakunjalo ayaxhumana nezinto okungezesikhashana. Siyakwazi ukudunyazwa yinto eyodwa, nomakunjalo sikugcine ukuthokoza eNkosini.

Kodwa, uma kukhona into ekunqoba ukudlula ukunqotshwa ubuhle bukaNkulunkulu, laphoke umaka uX kwimephu yomcebo wempilo yakho usendaweni engafanele. Uma into ethile ikwenza udangale ngaphezu kokuba abangcwele bengakwenza ukhuthazeke, laphoke inhliziyo yakho igxile endaweni engafanele. Uma amathemba empilo yekusasa ethile ekugqugquzela ngaphezulu kwethemba lempilo yaphakade noKhristu, laphoke inhliziyo yakho ilandela umcebo ophambene. Uma ukuphoxeka empilweni kulawula indlela yokucabanga ngaphezu kokuba izithembiso zikaNkulunkulu zilawula indlela yokucabanga kwakho, laphoke umaka uX usendaweni ephambene.

Yiziphi izinto empilweni ezikwenza udumale ngaphezu kokuba izinto ezijabulisayo zikwenza ujabule?

Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.