UMgqibelo wonke akwenzekanga lutho njengoba kwakuwu suku lweSabatha. Kwakuwusuku lokudabuka okukhula kubona bonke ababekholwa kuJesu.
Lokhu kwakufanele kube usuku lokubuyekeza okubanzi kwalabo abakholwayo. Kwakuwusuku lokucabangisisa kahle ukuthi kungani uJesu kwafanela ukuba afe. UJesu akafanga nje ngezandla zombuso wezepolitiki ohlanganise amaRoma nabaJuda. UJesu wafa ngokwecebo likaNKulunkulu ukuphumelelisa insindiso yabo bonnke ababezakukholwa Kuye. Kwakuyinsindiso okwakungenakwenzeka ukuba ibekhona, kodwa ukufa kukaJesu kona kodwa okwakungayenza ibekhona
Ukuhlaziwa kwempilo nokufa kukaJesu singakufunda kwiZenzo 2:14-41.
Impumelelo yempilo nokufa kukaJesu ibhalwe ngokufingqiwe kwincwadi 1ekaJohane 2:2.
intshumayelo ongayilalela: 1 ekaJohane 2:1-2 “The Advocate Who Did More“
itholakala ngesingisi kwikhase laseLHBC