It is God’s world and anyone can be Holy
IHubo 24 yikhorasi yokwemukela uSIMAKADE ukubuya ebukhosini. Liqala ngeziqiniseko zezenkolo ezimbili. Okokuqala, linika ukuthi yonke into ingeka SIMAKADE, okwesibili, liqinisa ngokuthi umuntu ngamunye angaba ngcwele.
Umhlaba ungokaSimakade nakho konke okukuwo,
izwe nabakhileyo kulo,
ngokuba nguye owawumisa phezu kwezilwandle,
wawusekela phezu kwemifula.
Ngubani nje oyokhuphukela entabeni kaSimakade na?
Ngubani oyokuma endaweni yakhe engcwele na?
Yilowo onezandla ezihlanzekileyo, nenhliziyo emsulwa
ongazibandakanyi nokungamanga futhi ongafungi ngenkohliso
Uyofumana isibusiso kuSimakade,
nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.
IHubo 24:1-5
Lomhlaba, nawowonke umuntu ophila kuwo nazo zonke izgameko ezenzakalayo kuwo konke kungokuka SIMAKADE ngoba Yena ukwenzile konke. UNkulunkulu womhlaba!
Yize uNkulunkulu ongameli futhi ephakeme, nanoma ngubani angasondela Kuye. Konke okudingakalayo ukusondela kuNkulunkulu ukuba ngcwele. Yize noma lokhu kungabukeka kungenzeke, amavesi aqinisekisa ukuthi ubungcwele obuhambelana nokusondela kuNkulunkulu kuza ngokuthi wena ubengcwle kweyakho impilo nangokwamukela ukulunga okuvela kuNkulunkulu. UNkulunkulu uyasindisa, futhi uyasinika ukulunga ukuba sikwazi ukuba sembusweni Wakhe. Ngakho uma siphila ngokulunga, ngeqiniso nangenhlanzeko, lapho ke singaqwiniseka ukuba neNkosi yomhlaba njengoMsindisi neNkosi yethu.
Ngakube lokhu akududuzi kuphinde kukuyaleze?! Ukuthi uMsindisi wakho uyiNkosi yoMhlaba kuyinduduzo abambalwa kakhulu kulomhlaba abaziyo ngakho. Uphethe umhlaba ngeZakhe izandla futhi wonke ungaphansi kokubusa Kwakhe. Lokho kuyinduduzo yethu ngezikhathi zokukhathazeka. Kodwa lamavesi anomyalelo futhi obhekiswe kithina nesikhumbuzo sokuthi siphile ngokuhlanzeka neqiniso emhlabeni kaNkulunkulu. Asisibo abethu, kodwa sihlengiwe nguNkulunkulu ukuba siphile singcwele phambi Kwakhe.
Masiphilele Yena, sazi ukuthi lomhlaba wonke ungoWakhe.
