Umkhuleko wokubhekana nesimo sokudlulelwa umuntu osondelene naye

A prayer for Bereavement

Ukudlulelwa ngumuntu yisisho esihloniphisayo esiveza ukuba ngaphansi kobuhlungu obunzima lapho umuntu othile osondelene naye eshonile. Amazwi ayasiphelela lapho sishonelwe ngumuntu esimuthandayo. Imikhuleko yethu kuleyomizuzu yokuqala yobuhlungu bokushonelwa ibukeka inzima ukuyiphimisela ngamagama. Kodwa yilaphoke la uMoya kaNkulunkulu ngeZwi Lakhe esinikezela amazwi esiwafisayo ngalendlela. Yize noma ingekho isampuli yomkhuleko engagculisa ukuhluka kwaleyomizuzu yokuqala yesimo ngasinye sokushonelwa, lesampuli yomkhuleko olandelayo impela inikezela amaqiniso anikezela induduzo ngokwamazwi ukukwazi ukudalula ukukholwa kwethu kuNkulunkulu ngaphansi kwezimo ezinzima kakhulu zezinhlupheko zasemhlabeni.

Baba wethu Osezulwini, izinhliziyo zethu ziphukile (Isililo 3:17). Sizizwa engathi asinawo amazwi esingawaphimisela, kodwa uyayazi imicabango yethu ( Amahubo 139:4) ukuthi igcwele ukudabuka nosizi ( Isililo 3:19-20). Njenge-Nkosi yethu uJesu yalila ekushoneni kukaLazaru, ngakho Nkosi Nkulunkulu, izinhliziyo zethu zibuhlungu ngenxa yokulahlekelwa kwethu yilowo ebesimthanda ( ngokukaJohane 11:33-36).

Ukufa kuyingxenye yempilo enzima ( Roma 5:12), kodwa Nkosi uJesu, ungukuvuka nokuphila ( ngokukaJohane 11:25). Nguwe Osivusela ekuphileni esesingeyuphinde sife futhi uma sesikukona– qinisa ukukholwa kwethu ( ngokukaJohane 11:26). Njenganalokhu uJesu Qobolwakhe enza ngesikhathi efa, siyawunikela umphefumulo ka[ igama lalowo] kuwe, ngoba wena ulungile ( 1 ekaPhethro 2:23).

Sisize sisaduduzana omunye nomunye, ngoba sibuhlungu; duduza izinhliziyo zethu, ngoba unguNkulunkulu wenduduzo yonke ( 2 kwabaseKhorinte 1:3-4). Amen

Scroll to Top