Umkhuleko woMenzi wokuthula

The prayer of a Peacemaker

IHubo 120 likhala ngobunzima bokuba ngumenzi wokuthula ezweni elithanda impi, izingxabano, ukucindezela, inkohliso, nesiphithiphithi. Kodwa futhi iHubo 120 linikeza iseluleko esisebenzayo nesifanele ukuphila kwansuku zonke.

IHubo 120:1 Kwisikhathi lapho uhlupheka kwisimo esinempi nokungalungi, bika kuNkulunkulu, ngoba Yena uhlezi ephendula.

IHubo 120:2 Lapha yiseluleko somenzi wokuthula- khulekela ukuthembeka nobuqotho emazwini akho. Ungalinge ukuvumele ukugwinywa izindlela zakulelizwe kwimizamo yokwakho ukuthula lapho ubheke nezinkinga.

IHubo 120:3-4 Khumbula lobuya buhlungu obuhlabayo namanxeba ansonsothayo ayeqhamuka olimini olugcwele isono, ngakho-ke, zibophezele kakhulu ekugcineni ulimi lwakho lungafani nalo.

IMesheki neKhedari yizindawo ezinobutha obukhulu nokungahleleki. Lapho uzizwa sengathi usuhlale isikhathi eside phakathi kwalabo abazonda ukuthula—kungaba semndenini wakho, ezihlotsheni zakho, kubangani bakho, emphakathini, noma ezweni lakini—buyela esibonelweni sevesi loku-1 nasemthandazweni wevesi le-2.

IHubo 120:7 Nawu umongo wakho konke lokhu—wukuba ngumenzi wokuthula ezweni eligcwele ubutha. Lokhu kuvame ukuba ngumsebenzi onzima nongajabulisi, othela izithelo ezincane. Kodwa ngaphambi kokuba uphinde ukhulume, thandaza umthandazo wevesi 2, futhi uqiniseke ukuthi noma abanye belusebenzisa kanjani ulimi lwabo, wena awusoze walusebenzisa olwakho ukukhohlisa, ukulawula abantu ngobuqili, noma ukuqamba amanga.

Lona wumkhuleko wesililo nesaluleko kubona bonke abenzi bokuthula.

Scroll to Top