Kungenzeka nawe ngandlela thize usake wabhekana nesimo esikanje. Wawunomngani. Yebo, wawu, ngoba akasesiye umngani ngokwangempela. Wawu nomngani—mhlambe kwakungumngani omkhulu. Kodwa kwase kubakhona okwenzakalayo. Mhlawumbe kwakuyinto esobala nekhumbulekayo lapho kwaba khona ukunyathelana okukhulu, noma mhlawumbe kwaba yinto eyayingazange yanakeka ekuqalene, kodwa ngokuhamba kwesikhathi yabuphendula ubungani baba muncu.
Igama elisizayo ukuchaza ukungazwani phakathi kwabangani yigama elithi ingxabano. Yigama elivamile kwincwadi yeZaga, ngakho liyindlela enhle kakhulu lapho ungaqala khona ucabangisise ngalokho okuqondeni nesakho isimo.
Into yokuqala ongayenza “ukwenza kabusha ubungani ongaba nabo” yekela ingxabano. Yekela ukwenza izinto esezibonakala manje ezenza ubungani bubande. IZaga 17:14 zisebenzisa isithombe sokuvuza okuncane okuhamba kuhambe kulidibhize udonga ledamu, njengendlela yokusibizela ekuyenkeni ukuxabana. Ngoba nje sekudlule iminyakana embalwa kufanele uphile ngalelivesi, akuchazi ukuthi ngeke kusenzeka. Ngisho ngabe kuzwakala engathi ngeke kusenzeka, yekela manje zonke izinto ozenzayo ezenza ubungani bubande.
Kuyeke, isibonelo, lokho iZaga ezikubiza, ngokuba yinhlebi. Inhlebi ngokujwayelekile inecala lezinto ezimbili. Okokuqala ukuhlebeza kokukhuluma lapho kufanele engabe uyathula. Lokhu kubizwa ngokuhleba, kwincwadi yeZaga. Lokhu wukuhleba ngezinto ngomngani wakho angasoze wazisho uziphimise ekhona ezwa. Enye indlela yokuhleba ukukhuluma kancane lapho kufanele kubekhona okuningi okushiwoyo. Uma umngani wakho esephutheni, uyinhlebi uma ugwegweza kwindlela okhuluma ngayo naye uma umutshela iphutha lakhe. Indlela yokuhleba yokuqala ukukhuluma ngamaphutha akhe kwabanye, eyesibili ukungakhulumi kuyena ngamaphutha akhe. Sivamise ukukwenza lokhu ngenhloso enhle. Sifisa ukumsiza umngani wethu, ngakho bese sihleba ngaye kwabanye engezwa yena, bese kuthi lapho kumele sikhulume ngokucacile kuyena, siyashwashwatha njengenhlebe, sithemba ukuthi lokho ukuswebeza eduze kwakhe kuzomulingisa yena ngokuhamba kwesikhathi. Lokho akukaze kwasebenza. IZaga 16:28 ukuhleba lapho kufanele uthule, noma lapho kufanele ukhulume ngokucacile, kuyohlezi kubahlukanisa abangani abasondelene. Ziyekele manje zonke izindlela zokuhleba. Phenduka ekuhlebeni kwakho ngabangani bakho kwabanye abantu.
Omunye umkhuba “womngani omubi”ekumele siwuyeke njengamanje izinhlobo, ngisho ezincashisiwe, ezahlukene zokudelela. IZaga 22:10 zithi uma ususa konke ukudelela kubungani, lapho ke ukuxabana kuzophela njengomlilo ongenamafutha. Kungenzeka ungabi yisideleli ngokusobala somngani wakho, kodwa ukuhleba isikhathi esiningikugcina kuthatha isimo sokudelela njengoba kwenza ukusola ngoba ungakholelwa kubuhle bomngani wethu. Ngoba sivame ukukhuluma ngomngani wethu engekho, sivame ukuthi sikumboze konke okuhle akwenzayo njengamanje ngokuthi sigxile kokubi asanda kukwenza. Siyamulimaza umngani wethu, sigcine ukugxabana kukhona, uma singakuhlukanisi ngononina okubi nokuhle. Indlela yokuziphatha eyisono nembi imelwe ukuqondwa ilungiswe, kodwa futhi zonke izenzo ezinhle nezinobuhlakani zimelwe ukunconywa. Ungabi yisideleli esiyiqili, ngoba lapho ke unecala lokuba umngani omubi njengalesisikhathi kunokungazwani kuwena nomngani wakho omkhulu wakudala.
Bese ngaphezu kwakho konke, yekela ulaka. Ulaka alubusizi ubungani. IZaga 29:22 ziyaqinisekisa ukuthi indoda enolaka ihlezi ibanga ingxabano. Ukuthukuthela kwakho ngokuhamba kwesikhathi kuzokwenza kube wuwe onecala elikhulu kubudlelwano bobu ngani. KwabaseEfesu 4:31 kubhalwe uhlu lwezinhlobo ezahlukene zolaka kusuka kulolo olusholo phezulu nalolo olufihliwe, kodwa zonke lezizinhlobo zolaka zimelwe ukuba zihambe.
Uma ukade unomngani omkhulu, oke waba umngani omubi, manje osewumngani obhedayo, lapho ke kuwumsebenzi wakho woBukhrestu ukubenza kabusha ubungani ( ngokukaMathewu 5:9). Yekela ukuba umngani obhedayo, ngisho kungathiwa usuke ungaqonde lutho olubi. Vuma ingxenye yakho yengxabano, Phinda wenze ukuthula, bese ukhombisa isihe noxolo njengalokhu nobabili nisasebenza ekuphindeni nibe ngabangani abangcono futhi ( kwabase-Efesu 4:32)