Umprofethi uMalakhi wathethisa abantu besikhathi sakhe ngokunikela ngezinsalela kuSimakade Okunguye owabasindisa, ebanakekela, yena uNkulunkulu efanelwe okuhle kakhulu okuvela kubona (Malakhi 1:8). Indlela elungile bekungaba ukuletha ingxenye yakho konke enhle ngokudlulele kuSimakade.
Lokhu kufakazeleka kahle kakhulu ekwakhiweni kwetabanakele ngesikhathi sikaMose bese futhi, ngandlela thize kuthi kufane nasekwakhiweni kwethempeli ngezikhathi zikaSolomoni.
UMose waqopha ngendlela okwakudingeke ngayo amakhono okusebenza amahle kuphela ukwenza umsebenzi wokwakha ithabanakele. U-Eksodusi 26-30 uqophe eminye yemininingwane yobuchwepheshe bokwakhiwa kwethabanakele. Ku-Eksodusi 31 sifunda kuphela ngabakhi abasesingeni eliphezulu abanesiphiwo sokuwenza umsebenzi.
Nendlela kaSolomoni yokwakha ithempeli eminyakeni eminingi eyalandela yahamba kuwo lomkhondo wokwakha. Ku- 1 Amakhosi 6:7 sifunda ngokuthi kwakuhlelwe kwaphinde kwacophelelwa kahle kanjani ukuthi kubuse ukungabibikho komsindo ngokuhlukile kwindawo lapho kwakwakhiwa khona, ukuthi nje kungabi bikho nethuluzi elilodwa elenza umsindo.
Kulezikhawu zombili, iNkosi yathola okuhle ngokudlulele kodwa. Lokhu kuyiqiniso nakuthina ekukhonzeni iNkosi yethu njengeBandla Layo. Njengalakho kwakuyiNkosi eyanikezela amakhono kubakhi bethabanakele, yaphinde yanikezela ukuhlakanipha kuSolomoni bobuchwepheshe ekwakheni ithempeli, kanjalo iNkosi iphe iziphiwo zikamoya omunye nomunye wethu ukuba sidlale indima ngokuvelele ekuhlanganyeleni ekukhonzeni Yona nase kwakhiweni ngokomoya komunye nomunye eBandleni.
Ngakube uzokwenza kahle ngangokusemandleni uNkulunkulu akuphe wona, noma uzomnikezela izinselala? Uzokulungiselela ukuyokhonza ngeSonto, noma uzovumbuka nje ukuzo chitha isizungu? Ngakube uzobe ukhona ngengqondo yakho yonke, noma uzobe uzoxoxa ‘ngokukhathala onakho’? Ngakube uzoyihlela kahle impilo yakho kulempelasonto wenzele ukulungiselela kahle ukuyokhonza eBandleni, noma uzofika kuduma umsindo wempelasonto emqondweni wakho?
Kwintshumayelo esihloko esithi “Umnikelo omuhle” ( “The Best Donation”) esuselwa ku- 2 kwabaseKhorinte 8:5, uCharles Spurgeon wakhumbuza amakholwa ukuthi uma kulungile ukuthi noma ubani agodle ukuzinikela ngenhliziyo yonke ebandleni, kungabe kulungele wonke umzalwane ukuba enze kanjalo, lapho-ke ngabe alikho ibandla, ngakube akekho ongufakazi wevangeli emhlabeni, singaphinde sisho sithi, ngabe ukumkhonza ngeqiniso uNkulunkulu akukho.