Inkomo edla yodwa. Uma kukhulunywa ngenkomo edla yodwa kusuke kukhulunywa ngomuntu ongazibandakanyi nabanye, kodwa uyaziqhelelanisa nabo.Kuhambo loBukrestu lamazwi awanambithisiseki. “Umzalwane oyinkomo edla yodwa unguMzalwane onempakamo.” Uma nanoma yiliphi ilungu lomzimba selisusiwe emzimbeni akube kusabakhona impilo kulo. Liphenduka libe ngelifile. Kuyenzeka, ngenxa yokugula okuthize kubekhona eliphelelwa yimpilo lisekhona emzimbeni bese kudingeka ukuba linqunywe ngoba selandisa umthwalo kwamanye amalungu asagcwele impilo. Kukanjalo nasemqondweni woMkrestu.
Uma wena, njengoMkrestu, uzicabanga ngendlela okungesiyo, uzohluleka ukuqonda umsebenzi wakho onawo kwabanye abazalwane eBandleni, ngaleyondlela uzoba umthwalo kwibandla njengelungu lomzimba elingasebenzi. UNkulunkulu wenze umzimba womuntu ukuba nezindlela ezahlukene zokunyakaza ukuze uzogcineka usesimweni esiphilile, kanjalo uNkulunkulu wenze uMzalwane ukugcina abanye abazalwane bephilile. UMzalwane onomqondo ocabanga ngendlela ehlukile unjengamalungu anyakaza ngendlela ekungesiyona.
KwabaseRoma 12:3 siyalwa ukuba siyeke lendlela engalungile yokuzicabanga, kodwa kunalokho sizicabange kahle. Asisibo abalunge kakhulu ukuba singaba yingxenye yecebo likaNkunkulu kulomhlaba, futhi asibabi ngokwedlulele—ngoba uNkulunkulu unikezelile komunye nomunye wethu ukholo ngangokunquma Kwakhe.
KwabaseRoma 12:4-5 bayaqhubeka negxathu lokuqala elibalulekile emqondweni woMzalwane onomqondo ohluzekile. uVesi 4 unikezela isithombe ngomzimba womuntu; Uvesi 5 unikezela okuyiphuzu elenziwa ngalesithombe.
Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngithi kulowo nalowo kini akangazicabangi ukuthi mkhulu, kunalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokhu uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa. Njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azenzi msebenzi munye, kanjalo nathi esibaningi, nokho simzimba munye kuKhristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.
KwabaseRoma 12:3-5
Ukukubeka ngononina, umqondo ohluzekile woMzalwane ukholwa yilokhu okulandelayo:
- Singabazalwane sibaningi (okungukuthi, akusiwena obalulekile ngokuvelele, noma omkhulu ngokudlulele, noma ongelutho kubobonke)
- Sibumbene ngenxa yento ephakame kakhulu kunathi ( asihlangene ngawe)
- Kungumsebenzi wami ukunakekela indlela engifanelwe ukusebenza ngayo ( kumele ngiqinisekise ukuba ngiyayidlala indima yami)
Uma siqhubeka siphonsa amehlo kumavesi alandelayo kwabaseRoma 12:6-8, siyakhujuzwa ukuthi lokho imiqondo yethu ekukholwayo masinyane kuzovela kulokho esikwenzayo ( uqobo lwezenzo zethu) nokuyiyona inhloso ngqangi.
Masingaphelelwa ngamandla, kodwa asiqhubekele ekwenzeni ngamandla!