The Mission of getting Older
Incwadi yesibili kwabaseKhorinte ibhalwe isithunywa sevangeli esesikhulile ngeminyaka. Sabe sesidlule ezikhathini eziningi ezinzima, sabe sesibhala incwadi yesibili kwabaseKhorinte ukunikezela iseluleko kulabo ababengumsuka wezinkinga zaso eminyakeni yokuqala yokuhambisa ivangeli. Nakuba kungewona wonke umuntu ongakwazi ukuba isithunywa sevangeli uma ethatha umhlala phansi, kodwa sonke singakwazi ukulingisa izifiso zikaPawulu ayenazo ngesikhathi esemdala.
Phakathi kwezinto ezithile zezithunywa zevangeli, uPawulu udalula lokhu okungumsebenzi oqondene naye siqu njengendoda endala eyesaba uNkulunkulu. Ku 2 KwabaseKhorinte 4:7-5, uPawulu usinikezela lokhu esingakuthatha ngokushesha kube ngumsebenzi ekumele siwenze oqondene nesikhathi sokuguga.
Ngizokukhumbula ukuthi uJesu oligugu, mina ngiyisitsha nje (2 kwabaseKhorinte 4:8-12)
Ngizokholelwa ekuvukeni kukaJesu ukuze nami ngivuswe kanye nabo bonke abanye abazalwane (2 kwabaseKhorinte 4:13-14)
Ngizakubheka enkazimulweni ezayo bese ngiba isitsha somusa kanye nesokubonga kwabanye, okunokuba ngibuke izinhlupheko zami zalesisikhathi bese ngikhononda (2 kwabaseKhorinte 4:15-18)
Ngizobhekana nazo zonke izinsuku ngesibindi ngenxa yalokhu okuzayo, ngaphezu kokukhononda ngenxa yesimo sami samanje (2 kwabaseKhorinte 5:1-7)
Ngizobheka ekuthokoziseni uNkulunkuku ngaso sonke isikhathi lapha emhlabeni, nokuba sengifisa kangakanani ukuba sezulwini (2 kwabaseKhorinte 5:8-10)
Uma ungathatha umhlala phansi uneminyaka engamashumi amahlanu uqhubeke nokuphila kahle emqondweni nasemzibeni uze ube neminyaka eyikhulu, lapho ke yithathe ngokugcwele lentshisekelo yonke kaPawulu yokuhambisa ivangeli. Kodwa uma uguga ngezindlela ezijwayelekile zokulahlekelwa ngamandla okukhuthazela empilweni kanye nokuzabalaziswa ubunzima obulokhu buqhubekela phambili, usengaqhubeka uwenze owakho loMsebenzi oqondene noHambo lokuGuga.