Umsebenzi, Ukuphepha,Ukulala, Nomndeni

Work, Safety, Sleep and Family

IHubo lokukhuphuka. ElikaSolomoni

Uma uSimakade engayakhi indlu,

basebenzela ize abayakhayo;o

uma uSimakade engawuvikeli umuzi,

umlindi wawo uwuqaphelele ize.

Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni,

nephuze ukuphumula,

nidle isinkwa sezinhlupheko,

ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.

Bheka, abantwana bayifa elivela kuSimakade,

isithelo sesibeletho singumklomelo.

Njengemicibisholo esandleni seqhawe,

banjalo abantwana bobusha.

Ibusisiwe indoda emgodla wayo

ugcwele bona,

abayukujabha lapho

bekhuluma nezitha zabo esangweni.

IHubo127

LeliHubo lifana nabo ubuhlakani bukaSolomoni. Linolwazi olujulile futhi linothile, kodwa lifushane futhi liqonde kwiphuzu.

Ukulihlukanisa ngokwama-stanza kulula ngenxa yokuphindaphindwa kwezindinkimba ezithize. Uvesi 1-2 unanela “ize” lokuphokophela impilo eholela “ekudleni kakhulu ngenxa yokukhathazeka”, ikuqhathanisa nokubuka izinto ngokokubheka “kukaNkulunkulu” okuletha “uthando nobuthongo”. Uvesi 3-5 uyawakhanga amehlo ethu ngegama elithi “Bheka”, usuphoqelela ukuba sidlinze nge “fa”, “Umvuzo”, “ukungajabhi” lokho “abantwana” abayikho.

Uma uwahlanganisa ndawonye, lamastanza womabili aveza umqondo ohluzekile, kodwa okancane ukuba uqondakale, ngeqiniso lempilo kulamhlaba. Lomhlaba ugcwele ukufukuza okusenza sikhathazeke futhi singalali, kodwa uNkulunkulu uyabathanda okungaBakhe, futhi Yena uyanakekela ukugculiseka kwethu emsebenzini, ukuphepha emakhaya, nobuthongo bethu ebusuku. Wenza kanjalo , hhayi ngokwenza impilo ingabi nazo izinkinga , kodwa ngokusinikezela thina okunye okwenza yonke into ifaneleke– leyonto ngumndeni.

LeliHubo liwukushinstha umqondo wokubuka izinto ofanelekile. Uma ufuna umsebenzi wakho wansuku zonke ungabi “yize”, sebenza kanzima, bese uyekela umphumela wakho konke ezandle zikaNkulunkulu. Uma ufuna imizamo yakho yezokuphepha ingabi “yize”, faka ezokuphepha ngokwemizamo yakho yonke, bese uyekela konke ezandleni zeso likaNkulunkulu elibona zonke izinto. Sebenza amahora afanele, hambo uyolala ngesikhathi, thokozela izikhathi zokudla, bese umbonge uNkulunkulu ngothando Lwakhe.

Hamba uyonika umndeni wakho uthando. Ngamunye wethu sinezinkinga ezahlukene emindenini yethu, ngakho uma ushadelwe, chitha isikhathi nolowo oshadelwe naye; uma unezingane dlala nazo, uma izingane zakho sezikhulile zaphuma nasekhaya, zifonele; uma abazali bakho besaphila, yiba umthombo wentokozo kubona ngokwenza okuthile kanjalo nangokuzwana.

Iphuzu yileli. Impilo kulomhlaba igcwele imisebenzi eletha ukukhathazeka. Yazi ibhalansi yokusebenza kanzima, nokuthemba uNkulunkulu. Yazi isilinganiso sokuqapha nokulala ubuthongo. Sibhekisise isipho sikaNkulunkulu esiwumndeni.

Scroll to Top