Your Responsibility in a Conflict

Yiqiniso elisobala ukuthi lapho kukhona ingxabano phakathi kwabantu ababili, kusuke kukhona noma oyedwa ongasindisiwe, noma, uma bobabili besindisiwe, kukhona lo oyedwa ongathobekile kuNkulunkulu. Ngokujwayelekile, njengalokhu abazali abaningi bengafakaza, kuthatha abantu ababili ukuthi kube khona ukuxabana.

Nokho ngokudabukisayo, ngoba nje kujwayele ukuthi kuthathe abantu ababili ukuthi kube khona ukulwa akuchazi ukuthi ingaxabano iyaphela uma bobabili bezimisele ukuthi balungise. Isizathu sisobala, bobabili bafuna ukuthula, kodwa omunye nomunye ucabanga ukuthi lokho kuwumsebenzi omkhulu okumele wenziwe omunye.

Yini, ngokukaNkulunkulu, ewumsebenzi wakho omkhulu kuyona yonke ingxabano nomunye umuntu? Impendulo isobala: ukulalela ngokuthobeka uNkulunkulu yiwona umsebenzi wakho. Lo esifunda ngaye encwadini kaLukha 18:9-14 owabuyela ekhaya elungisisiwe, akusiye lowo owagxila kwisono somunye, kodwa lowo owavuma okwakhe ukungamlaleli ngokuthobeka uNkulunkulu.

Ingxabano yisixakaxaka esinomsebenzi ohlangahlangene. Umbhalo usibizela ekutheni sikhulekelane, sivume izono komunye, sikhuthazane, sisizane ukunqoba isono, nokunye okuningi. Kodwa okuyiwona umsebenzi ohamba phambili ukwazi nokuvuma okwakho ukungalaleli ngokuthobeka uNkulunkulu bese usulungisa okwakho ukulalela uNkulunkulu.