Lena yingxenye yesibili Yomsebenzi waMakrestu kuhulumeni, iqhubeka kuleyo yokuqala
IZaga 29:26 zisibizela ukuthi sikhulekele uhulumeni. Lukhulu ushintsho esingalwenza kuhulumeni ngokucela kuNkulunkulu. Lokhu yinto uNkulunkulu ayilindele kuthina, ngisho kungathiwa ngelinye ilanga kuthiwa sekuyicala ukukwenza lokhu, kumile njenganento enganakuvinjelwa. Singakhuleka siqhubeke, buthule uma kufanele, ngentshiseko enkulu. Uma uhulumeni ehluleka ukwenza okufanelekile maqondana nezimfuno zomphakathi nobulungiswa, thina sifuna ubulungiswa kuNkulunkulu bese sikhuleke ukuthi Uzobuletha ngaye futhi uhulumeni. ( bheka ku 1 kuThimothewu 2:22)
Indlela esobala ukufeza umsebenzi wethu kuhulumeni kungaba yisenzo esisobala sokukhokha intela ( ngokukaLukha 20:22-25, nakwincwadi ngokukaMathewu 22:17-21 nakwincwadi ngokukaLukha 12:14-17). Ngokusabala ngoba bayiziphathimandla, sifanelwe ukukhokha intela leyo abayimisile. Asikwenzi lokho nje ngoba kusemthethweni kodwa ngenxa kanembeza ( kwabaseRoma 13:5-7).
Konke lokhu wumsebenzi waMakrestu ekumele awenze kuhulumeni uNkulunkulu awulindele kithina akukhathaleki ukuthi uhulumeni wenzani. Kwizimo ezingavamile lapho uhulumeni efuna ukuba senze isenzo esiyisono, yilaphoke la kumele Simelane nokuba thobela (IZenzo 5:29) sazi ukuthi ukujeziswa okuzolandela kumele kuthotshelwe ngokuqonda ukutho kungcono ukuhlushwa ngenxa yokulunga kunokwenza isono esisobala ( IZenzo 2:40-42).
Ungabi yivukelambuso nesideleli. Zithobe ngokuqaphela. Vota, ungateleki. Khuleka, ungalahli ithemba. Yenza ngokudlulele kubufakazi bakho boBukhrestu.