Umsebenzi wokuzihlola wena ngokukamoya

Practice of Spiritual self-examination

Sonke siyona ngezindlela eziningi. Ezinye zezono zethu siyazibona kahle, noma kunjalo asisheshi ukuphenduka kuzona. Kwezinye izikhathi asiziboni kwayizona izenzo zethu ezingukona kuNkulunkulu nakwabanye abantu. Labo esibathandayo kakhulu kungenzeka bazisibekele izono zethu ezikhathini eziningi ngothando lwabo abasithanda ngalo kwenye inkathi mhlampe bazame ukuthi beze kithina ukuzokhuluma ngazo, kodwa ngokudabukisayo asivamile ukuphendula kahle nalalpho.

Kumele sifunde ikhono lokuthi sizihlole thina.

Sebenzisa lama-worksheet njengawo azokucathulisa. Lokhu kwenzeka uma unesikhathi esanele sokuthi ucabange ngazo. Zibekele usuku oluthile ekseno, noma uthathe uhambo losuku noma ezimbili mhlampe ezintathu. Susa zonke iziphazamiso zasemhlabeni; yenza isikhathi sokucabanga, ubuyekeze, udlinze bese uyathandaza. Sebenzisa lama-worksheets lapho kukhona okufika emqondweni. Zama ukuthi ubhekane ne-worksheet eyodwa ngesikhathi. Lapho eyodwa uma usuyiqedile, yilapho osungaqala khona elandelayo. Kungenzeka kube nesidingo sokubuyela kwamanye osudlulile kuwona ukuyonezelela noma ushintshe okuthile, kodwa zama ukuthi ungaphenduli wonke ama-worksheet kanye kanye.

Hlala uphehthe iBHayibheli lakho ngasosonke isikhathi, funda kulo okuningi, kubheke ukuze amehlo akho ezovuleka bese unembeza wakho uthola ulwazi.

Ngihlole, Nkulunkulu,uyazi inhliziyo yami;

ngilinge, uyazi imicabango yami,

ubone ukuthi kukhona yini okubi ngaphakathi kwami,

ungiholele endleleni yaphakade.

IHubo139:23-24

Worksheet 1
Bhala phansi zonke izenzo zakho eziyizono ozenzayo ngokuziphindelela noma ngokujwayela. Bhala eceleni kwesenzo esiyisono ngasinye ukuthi ubani osuke wenza kuyena lesosenzo sakho esiyisono.

Worksheet 2
Bhala phansi ukuthi izenzo zakho eziyisono zibe namthelela muni kulabo owona kubona. Cabangisisa ngokuthi sibahlukumeze kanjani mhlampe bona ngesikhathi usenza nasekuhambeni kwesikhathi.

Worksheet 3
Bhala phansi ukuthi ubhekane kanjani nezono ezahlukene. Ngakube usuphendukile kuzona, uma kunjalo, wenze kanjani? Uma kungenjalo, yikuphi ukuzithethelela okusebenzisayo? Ngakube ikhona mhlampe indlela ehlukile ofisa ukuthi ngabe wenza ngayo kubona, mhlampe ngisho nendlela ocabanga ukuthi wenza ngayo, uma lokho ukuqhathanisa nendlela owenza ngayo ngemuva kokwenza lezizono ezahlukahlukeni?

Worksheet 4
Yenza uhlu labantu (ubale noNkulunkulu!) odinga ukuthi ubuyisane nabo. Uzokhuluma kanjani nabo ukwenzela ukuxazulula izenzo zakho eziyisono masinyane.

Njengokuhlala ngokugunda ushefe kugcina izinwele ezilokhu zikhula ukuthi zingabukeki engethi ezesilwane, ngakho ukuqhubeka ukhumula isono kugcina isono esihlala sikhona ekutheni sisiphendula sibe yizilwane kwabanye abantu.

Wena uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni,

uyongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo

IHubo51:6

Scroll to Top