A Prayer about money
Yenza lokhu kube wumkhuleko wakho ngemali, bese uyahamba, ubhekane nezinkinga zakho zemali ngendlela edumisa uNkulunkulu wethu.
Baba wethu, zonke izinto ngezakho (Hagayi 2:8). Ngiyakubonga ngalokho onginikezele kona okubhekelela ukugcineka nentokozo yami (IDutheronomi 8:10). Ngempela, zonke izipho ezinhle zivela kuwe (kaJakobe 1:17).
Ngixolele lapho ngibambelele ngokuqinile kwingcebo yakulelizwe (Mathewu 6:19-21). Ngixolele ngokuba ngihaqwe kalula yizinkathazo zasemhlabeni (Mathewu 6:25-34). Ngihlanze nakunoma yiluphi uthando lwemali ( 1 kuThimothewu 6:10). Ngenze ngingahlupheki futhi ngingacebi, nginikezele lokho okuyisidingo sosuku ngalunye (Izaga 30:8).
Ngiyakubonga ngokuhlakanipha okuvela eZwini lakho ukuqondisa ukucabanga kwami ngemali, futhi ngiyabonga ukuthi iZwi lakho lihleze lifanelekile futhi akwenzeki lingakwazi ukulandeleka (KwabaseRoma 12:2). Ngicela usebenzise imali yami ngokwezinhloso zakho. Sebenzisa imali yami ukuvivinya inhlanzeko yokuthandana kwethu, ukukhulisa iBandla lakho, nokwenza mina ngibe umthombo wentokozo nenjabuli kulabo abahluphekile.
Baba, ngilangazelela ukuba yilowo onikelayo ngokufuna nangentokozo ( 2 kwabaseKhorinte 9:7). Ngilangazelela ukuba ngoqaphelisisayo, nohlakaniphile nomise imigomo ngokwezezimali zami (Izaga 27:23-27). Nginike ukuhlakanipha bokuvelela kubuhlakani, ukuze ngivelele futhi nasekupheni ngokukhululekile.
Ngiyakubonga ngengcebo yaphakade egcinwe kunye nawe engiyizuzayo ngokusabalalisa ingcebo eningi yasemhlabeni ongiphe yona ngobuningi (kwabaseFiliphi 4:17). Ngicela ungiphe usuku ngalunye isinkwa semihla ngemihla (Mathewu 6:11), bese ungibhekelele kuzona zokne izidingo zami.
Noma ngabe ngiyadla noma ngiyaphuza, noma ngabe yini engiyenzayo ngemali yethu, engathi ngingakwenza konke ngendlela enikezela udumo Kuwe ( 1 kwabaseKhorinte 10:31),Amen.