Wasisindisa

KuThithu 3:5

UNkulunkulu usindisa izoni.

Ubusobala obujulile beVangeli benza ingane encane kanye nomfundi weBhayibheli omkantshubovu bathokozele iVangeli ngokulangazelela nangentokozo yeqiniso.

Omunye umfundi weBhayibheli omkantshubovu wachaza injulo ekulamagama amathathu, athi ‘UNkulunkulu usindisa izoni’, kwisiqeshana esifushane esifanelekile ukuba wonke umuntu okholwayo adlinze ngaso.

“Eqinisweni linye vo iphuzu ekumele lenziwe kulendima yensindiso: iphuzu ileli lokuthi uNkulunkulu usindisa izoni.

UNkulunkulu—nguJehova omthathu emunye, uYise, iNdodana kanye noMoya Ongcwele: Iziqu ezintathu ezisebenza ndawonye ngobuhlakani, amandla nothando okwengamele ukwenzeka kwezinto zonke, ukuphumelelisa insindiso yabantu abakhethiwe. uYise uyakhetha, iNdodana ifezekisa intando kaYise ngokuhlenga, uMoya ephumelelisa ngamandla inhloso kaYise neNdodana ngokuzala kabusha.

Usindisa– wenza yonke into, kusuka ekuqaleni kuya ekugcineni, efanele ukwenziwa ukukhipha umuntu ekufeni bokubisha esonweni ukuba eze ekuphileni enkazimulweni: uyahlela, azuze ngempumelelo futhi abelane ngokuhlengwa, uyabiza aphinde agcine, uyalungisisa, uyahlanza, akhazimulise. Izoni– abantu ngokwesimo afika beyiso uNkulunkulu, banecala, bakhohlakele, bathithibele, abanamandla, bengenakukwazi ngisho ukufukula umunwe ukuba benze intando kaNkulunkulu noma benzengcono isimo sabo sangokomoya.

UNkulunkulu usindisa izoni– amandla alesisivumo akumele enziwe buthaka ngokuhlukanisa ubunye bomsebenzi woButhathu bukaNkulunkulu, noma ngokwaba impumelelo yomsebenzi wensindiso phakathi kukaNkulunkulu nomuntu, bese kwenziwa isinqumo kube ngesomuntu, noma kungabe kusagcizelelwa ukuhluleka ngokuphelele kwesoni ngoba kwenzelwa ukuba ukubongwa ngenxa yensindiso kube ngokwesoni kanye noMsindisi waso.”

Ithathelwa ku: J.I. Packer (Introductory Essay, 4-6) quoted in The Five Points of Calvinism, 2nd ed. P&R Publishing, 2004, p. 14-15. ( Leli ihumusho lesiZulu)