Umzimba nendlela engafanele yokuwusebenzisa

Ucansi into enhle uNkulunkulu ayenzele ukuba ithokozelwe ngowesilisa nowesifazane emshadweni, ngaleyondlela nokuba khona kwabantwana kuyingxenye yabo lobubuhle. Kodwa ukusentshenziswa komzimba noma kanjani maqondana nenkonzo yocansi, akusiyona into emiselwe umzimba womuntu. Kubaluleke kakhulu ukuthi siwabambisise lamazwi. Umzimba akusiwona owokunikelwa noma kanjani ocansini. Ngenxa yobubi obukhiqizwa yizinhliziyo zabantu (ngokukaMathewu 15:19), kubalulekile ukuba sikhujuzwe ngalokhu.

Njengamakholwa, simelwe sicabange ngendlela efanelekile ngemizimba yethu neyabanye,lendlela siyidlulisele nakubantwana bethu, ngisho nakuba hlobo bethu abangakholwa. Kunamaqiniso amathathu azosisiza kakhulu ukuthi silwe njalo, futhi siphunyule ogibeni lokusebenzisa imizimba yethu maqondana nocansi ngokungafanelekile. Nali iqiniso lokuqala ekumele masilazi ngemizimba yethu elizosisiza siphunyule noma singangeni kulolugibe ( Amanye amabili sizowabheka kulezizinsuku ezilandelayo) ,

Umzimba akusiwo *owobufebe…..”

*Igama elithi “ubufebe..” (phecelezi Fornication) lichaza lonke uhlobo lokuzinikela kwinkonzo yocansi olungaphandle komshado noluphambene nomshado.

Uma kwakhiwa ithuluzi elithize noma umshini othize, kuke kube nencwanjana ephumayo i-manual evela kumakhi walowomshini eveza ukuba wakhelwe ukusetshenziselwa ini, kunye nemicikilisho eshoyo ukuba usetshenziswa kanjani nokuthi ungasetshenziswa kanjani. Owakhe imizimba nemizwa yocansi nguNkulunkulu. Njengomakhi walezizinto uphindile wanikezela nendlela ekumele isetshenziswe ngayo nekungamele isentshenziswe ngayo. ngokukaMakhi womzimba, akazange umzimba wawakhela ukunikelwa budedengu kwinkonzo yocansi. Umakhi womzimba nakhu akushoyo ngomzimba nemizwa nokunikelwa budlabha ocansini:

Umzimba akusiwo owobufebe…..”

1 kwabaseKhorinte 6:13b

Imizimba yabantu, uNkulunkulu akayakhelanga ( Amahubo 139:13) ukuba inikelwe budedengu kwinkonzo yocansi. Uma sicabanga ngemizimba yethu, ngisho nemizimba yabanye abantu, akumele sibeke phambili imizwa yenkonzo yocansi (Mathewu 5:28). Lokhu kuholele abaningi nakwimibukiso eveza abantu besilisa nabesifazane behamba-ze abazanelisa ngenkonzo yocansi ngokungafanelekile. Iphelile imiphakathi yindlela yokucabanga. Abukho nhlobo ubudlelwano phakathi komzimba nemizwa yocansi nokuhamba unikelwa noma yikanjani ocansini. Umzimba nemizwa yocansi akwenzelwanga nhlobo ukuba kunikelwe budedengu, kumbe ngokwezifiso umuntu azinqumele zona yena kwinkonzo yocansi.

Iseluleko esijule kakhulu, esingcwele,  uMakhi womzimba nemizwa yocansi asikhiphayo maqondana nokudlebeleka kwinkonzo yocansi nasi:

“…Balekelani ubufebe…..”

1 kwabaseKhorinte 6:18a

Yenza ngandlela zonke ukuthi uyaziqhelelanisa kulendlela yokusebenzisa umzimba. Suka endaweni engakubeka emathubeni okusebenzisa umzimba wakho ngendlela engafanele, ngisho nekwenza ucabange ngalendlela ( ngokukaMathewu 5:28). Ungazigxilisi ngisho nakumahlaya ahambelana nalendlela ephambene yokusebenzisa umzimba (Efesu 5:4). Ungagqoki ngisho nokugqoka ngendlela egqugquzelwa yimizwa yokudlebeleka maqondana nocansi (IZaga 7:10), qhela kakhulu kubangani abacabanga ngalendlela nawe ungabi yilowo mngani ( IZaga 1:10; 1 kwabaseKhorinte 15:33)

Ukuthi unomzimba nemizwa yocansi akusho ukuthi sekumele ukusebenzise ngendlela ephambeni naleyo okumiselwe yona, emshadweni wendoda nomfazi.

“…Balekelani ubufebe…..”

Scroll to Top