A clear conscience after a day with unbelievers

Kuyenzeka yini ubenonembeza omsulwa ngemuva kwakho konke ukusebenzisana noma ukuxoxa obanakho nabantu abangakholwa? Uthini ngalaba abakuvezele ngokusobala ukukhohlakala kwabo namhlanje? Uthini ngalaba abakonile namhlanje? Uthini ngalaba ababe nenhliziyo encane, bakhombisa ukungabi nekhono lokwenza into ethile, kanye nokungabi nawo umusa namhlanje? kungenzeka ngempela yini kuphele konke ukusebenzisana nokuxoxa nomunye umuntu, bese uqinisekisa ukuthi unembeza wakho usamsulwa?

Encandwini ekaPhethro ayibhalela Amakhrestu ayehlaselwa, kuyona uMoya Ongcwele usinika lesi seluleko ekugcineni unembeza umsulwa ngemuva kokuxhumana nabantu abangakholwa.

Kodwa mngcweliseni uKhristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale nilindele ukubaphendula bonke abanibuza ngethemba eninalo. Kepha kube ngobumnene nangokwesaba, ninonembeza omsulwa, ukuze kuthi kulokho abaninyembenya ngakho, bajabhiswe laba abahlambalaza ukuhamba kwenu okuhle kuKhristu.

1 ekaPhethro 3:16-17

Ngasekugcineni kwalama vesi, sithola ukuthi inzuzo ekubeni nonembeza omsulwa phakathi kwabantu abangakholwa ukuthi uma bezama ukukucekela phansi, indlela oziphatha ngayo iyona ezokumela njengobufakazi boMkhrestu ekuthembekeni kwakho, kunokuba ukona kwakho kulingane ncamashi nendlela izwe eliziphatha ngayo.

Kodwa ilengxenye yokuqala yalamavesi esinikezela ithiphu ekugcineni unembeza omsulwa uma siphakathi kwabantu abangakholwa. Ukubeka ngamagama anika inselelo, izoba kanje:

Ngemuva kwengxabano elandelayo nomuntu ongakholwa, mabele kafushane ukuthi kusho ukuthini ukuba nguMkhrestu.

Kunzima ukukhuluma ngesihawu sikaNkulunkulu kuwe qobo ngemuva kokunga khombisi isihawu kwesinye isoni. Kucishe kungenzeki ukukhuluma ngethemba lokuphila kwaphakade uma ukuziphatha kwakho kufanelwe isijezizo sokulahlwa. Kuwokukhulu ukuveza obala ukuzenzisa ukukhuluma ngothando luka Nkulunkulu wakho uma lungekho uthando lokuthanda umakhelwane wakho.

Kodwa kulula kakhulu ukukhuluma ngoKhristu wakho owakuxolela uma ungacasukelenga omunye umuntu ngenxa yokuziphatha kwakhe okucasulayo. Ungakhuluma ngokuzethemba okukhulu ngethemba lokuphila okuphakade uma ungolalelayo.Ungabelana ngevangeli likaJesu Khristu ngokucacile uma ukhombise isihawo, umusa kanye nothando kulowo owenze okuphambene kunalokho.

Ukuphetha lolusuku nonembeza omsulwa phambi kwabantu abangakholwa, phila namhlanje ngokulangazelela ukwabelana ngeVangeli nomuntu othile ekupheleni kwesikhathi sakho naye