Don’t sing with a sad face

Ukucula nobuso obudabukisayo kunjengokuzama ukukhotha indololwane—akwenzeki. Kuyiqiniso ukuthi akusiye wonke umuntu oveza intokozo engaphakathi kuye ngendlela efanayo, futhi kuyiqiniso ukuthi sidumisa uNkulunkulu nangaphansi kwezimo zempilo eziphula inhliziyo, kodwa uma sithatha isinqumo sokuculela uNkulunkulu, ubuso bethu abukwazi ukudabukisa.

Selokhu kwathi nhlo, ukucula njengendlela yokudalula ukukhonza uNkulunkulu kudlulisa injabulo, ukugubha, indumiso, ukumphakamisa, ukubonga, nethemba. Ukucula yilokho okwenzayo ngesikhathi ufuna ukunezezela ubuhle nenjabulo kumagama ajwayelekile. Ukucula yilesikhathi lapho ufuna ukuphakamisa iphimbo lakho bese lingaphambaniswa nokulila nokuthukuthela. Ukucula yilokho okwenzayo ngesikhathi ufuna ukusho into ethize ngendlela egcwele intokozo.

Incwadi yonke yaMahubo, ngingasabali ingxenye yombhalo eyizindaba, iziprofetho, nemiyalelo, kuveza lesisithombe ngokucula kwamakholwa eqiniso. Mhlawumbe Amahubo 33:3 yivesi elilodwa elihle kakhulu elifingqa ukuthi ukucula kuyini kumkhonzi weqiniso.

Mhlabeleleni ihubo elisha,

ngenhlokomo nangobuciko,

Amahubo 33:3