Don’t waste your worry
IBhayibheli linguchwepheshe omdala kulona lonke uhlobo lwemizwa, imicabango, nezenzo esibhekana nakho lapho izinto zingahamabi ngokohlelo lwethu. Singalinganisela emakhulwini izibonelo esingazithathisela eBhayibheli zamadoda nabesifazane abanjengami nawe izinhliziyo zabo ezazisindwa ukukhathazeka, ukwesaba, nokuthukuthela ukubalula amanye wamatemu iBhayibheli eliwasebenzisayo ukukhuluma ngalezi zinto. Ezwini lakhe, uNkulunkulu uyaseluleka kwimicabango yethu enokukhathazeka, asiduduze ekusabeni kwethu, asihlahlele indlela ezinkingeni zethu,kwizinhlekelele zethu , izingozi zethu, nezinhlupheko zethu—ukubalula amanye amatenu iBhayibheli esekufakazelekile ukuthi linguchepheshe kuzona.
Izincwadi uPhethro ayeqhutshwa nguMoya ukuthi azibhale zithinta izinhlupheko njengedinkimba egqamile kunokunye. Uma esevela kincwadi yakhe yokuqala ayibhalela Amakhrestu ayehlushwa, uPhethro unendlela endala, kodwa efike ngesikhathi esihle, ukuseluleka kwizikhathi lapno izinto zingacacile kahle, nezikhathi zobunzima. Kwincwadi yoku 1 kaPhethro 5:6-11, kwindima yokuvala incawdi, ngaphambi kokubhala isivaleliso, thina njengaMakhrestu sifunda lamazwi:
Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo, niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.Zithibeni, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo, sifuna esingamdwengula. Melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko ziyabehlela nabazalwane benu abasemhlabeni.Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme. Makube kuye amandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
1kaPhethro5:6-11
Lendawana isiyala ngezindlela ezintathu ukuze sikwazi ukuthi izinkathazo zethu sizibhekise kwenye indawo
Eyokuqala, zithobe wena qobolwakho. (1 kaPhethro 5:6-7)
Ukukhathazeka kuyindlela eyisikhumbuzo ukuthi asazi zonke izinto, asinawo amandla onke, futhi ngesiqiniseko akuthina esiphethe izimpilo zethu, singasabali izinkinga zalomhlaba. Uma sisetshenziswa ngobuhlakani, ukukhathazeka kuhlokoloza intobeko. Sike sicabange ukukhathazeka njengomcibilisho okhombe kwinzinkinga zethu, ngesikhathi lapho empeleni zingumcibilisho okhomba kuNkulunkulu wethu. Ukukhathazeka ngokungokwakho akuzenzi nhlobo izimo zethu zibe ngcono ( Mathewu 6:27), kodwa ukukhathazeka uma kusetshenziselwa ukukhomba kuNkulunkulu lapho ke sinethemba eliphathekayo lokwenza izimo zethu zibe ngcono. Ngakho phonsani izinkathazo zenu kuLowo okuNguye Onendaba nawe. Kwisikhathi lapho inhliziyo yakho isindwa yizona zonke izinto ongeke ukwazi ukwenza lutho ngazo, lapho ke shintsha ukubheka kwamehlo akho kubheke kuNkulunkulu
Eyesibili, Qaphela ngokukamoya. (1 kaPhethro 5:8-9)
Izinkinga zethu zalomhlaba azizona izinkinga ezinkulu kunazo zonke izinkinga. Kunalokho, ngale kwenginga yasemhlabeni kukhona iqiniso likamoya. USathane uyazingela, ufuna ukukushobodela kulesisikhathi lapho ubuthakathaka. Ngokukhathazeka siphendula izinkinga zethu zasemhlabeni zibe wubungozi bukamoya. Kubone ukuthi ukuqhubekela ekoneni kuhlezi kubheda kunokuthi ube ngaphansi kokuhlushwa.Qinisekisa ukuthi ukholo lwakho lukuNkulunkulu hhayi ekunethezekeni, ezimalini, nakwimpumelelo. Qaphela ngokukamoya. Qaphela iwele lokukhathazeka ekuthiwa ukudangala—qina okholweni lwakho. Melana nesihlobo sokukhathazeka esithiwa ukwesaba—yazi ukuthi amanye amaningi Amakhrestu asezimweni ezifana ncamashi nezakho. Sishintsha indawo esibhekisa kuyo izinkathazo zethu uma simi siqaphile ngokukamoya.
Eyesithathu, yiba nethemba ngokulindelekile. (1 kaPhethro 5:10-11)
Cabanga ngempilo njengendlela ende kakhulu, okuwukuthi ibanga eliyimitha elilodwa lokuqala lilapha emhlabeni. Kungezwakale njengemitha elide kakhulu, kodwa imitha yimitha, ngokulizabalaza kancane kancane ngosuku, maduzane uzobona ukuthi seliphelile imitha, emveni kwalapho wonke lawa amanye sekuzihambela kahle ngendlela emangalisayo kakhulu umusa kaNkulunkulu! Sizwizwa sinqotshiwe yilokho kwesikhashana, kodwa sizovuselelwa ingunaphakade. Asinaso isiqiniseko ngalomhlaba, kodwa sizoqiniseka ingunaphakade. Sibuthakathaka kulempilo, kodwa sizophiwa amandla ingunaphakade. Asizinzile kulesisikhathi sempilo, kodwa sizokwenziwa sibe nozinzo ingunaphakade. Sishitsha indawo lapho sibhekisa izinkathazo kulomhlaba uma silangazelela ngentshiseko ukuphothula ibanga lemitha lakulomhlaba ukuze zizothokoza ngokunethezeka nesibusiso okuzayo.
Ukukhathazeka kusivala amehlo bese singaboni ukuthi kahle kahle yini eyenzakalayo. Kwenza kanjalo ngokubhekisa amakhanda ethu phansi sibone izinkinga zethu kuphela. Kwenza kanjalo ngokucima konke ukubona ngaphezulu kwezinkinga sibone kuphela izinkinga. Izinto kungenzeka zibheda ngempela, kodwa ukukhathazeka kukwenza ukholwe ukuthi izinto lezi ezibhedayo yizna kuphela eziyiqiniso ngempilo yakho. Ukuphuma emgodini omnyama wokucindezelwa wukudangala, sidinga ukushintsha lapho sibhekisa khona lokho okuningi okusikhathazayo. Senza kanjalo uma sisebenzisa ukukhathazeka njengethuluzi lentobeko, lesimo sikamoya, nelephakade. Ungakumoshi ukukhathazeka kwakho!
Intshumayelo ongayilalela (IngesiNgisi): Luke 12:22-34 “Freedom for the Fretful“
