Amakrestu enza imizamo emikhulu ukuba abengcwele. Amakrestu ilabo ababulala isono bese begqoka ukulunga. Izenzo ezilungile ezenziwe ngokukholwa ziyamukeliswa umvuzo omuhle nguNkulunkulu. Kodwa kunendlela yokumosha ukulunga kwakho.
Kepha qaphelani, ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuze nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini.
NgokukaMathewu 6:1
Kuyinto elungile ukunikelela kwabampofu, kodwa kwenze lokho ekusithekeni, lapho ke umvuzo wakho uzohlala ugcwele ngokuphelele noNkulunkulu (Mathewu 6:2-4).
Kuyinto elungile ukwenza ibe ngcono imikhuleko yakho, kodwa yenza kanjalo ngasese ukuze ungamoshi umvuzo womkhuleko omuhle (Mathewu 6:5-6).
Lomgomo ungasetshenziswa kuyona yonke imizamo yokulunga. Sizijwayeze ukuba sibe ngabalungile kakhulu emehlweni abantu kunangasese. Thandaza ukuthi iNkosi iwunguqule ngokuphelele lomkhuba. Madoda nabafazi, thandani enishade nabo ngezindlela ezisobala ezibonakalayo, kodwa futhi bathandeni emikhulekweni yenu yangasese nakwizinkulumo zangasese. Bantwana, thobelani abazali uma benibona nanoma benganiboni. Sebenza ngenhliziyo yonke emsebenzini ngisho kungathiwa ukusebenza kwakho kanzima akunakiwe. Cophelela ucabangisese ekuhlanganyeleni kwakho nomakhelwane bakho nabangani bakho ngaphambi kokuba baze bakwazi lokho.
Ungadumazwa umvuzo omncane wasemhlabeni; phokophelela umvuzo wasezulwini. Yiba ngolungile kakhulu ngasese, kunasemehlweni abantu.
“Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inokoniwa khona yinundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe. Kepha zibekeleni ingcebo ezulwini, lapho inundu nokugqwala kungoni khona, nalapho amasela engafohli khona, ebe.
NgokukaMathewu 6:19-20 (IsiZulu 2020)