Ukuthi “ Ungalinge ukhononde”  kulula ukukusho, kodwa kulesosikhathi sesikuzwa  lokhu kushiwo, siba necala lokungakulaleli. Ave sishesha ukukhononda.

Uma ngabe “ ukukhononda” yigama mhlawumbe elingavamile kumagama owasebenzisayo njalo, nginesiqiniseko osisi balo ubazi kangcono: ukukhalaza, ukuphikasana, ukuphendula kabi, ukukhononda buthule, ukugxeka, ukugunduzela, ukugoloza. Usuke wakubona lokhu kwimpilo yansuku zonke ngisho nakwindlela wena owenza ngayo, noma awukaze?

Kumavesi amaningi kuwo uMbhalo akhuluma ngokuthi “ kwenze njalo okuthile” nokuthi “ ungalinge ukwenze okuthile”, nali esilitholayo:

Kwenzeni konke ngaphandle kokukhononda nokuphikisana, 

kwabaseFiliphi 2:14

Ukuyenza lenkulumo ibe nesisindo esinikezela ukukholwa ngesiqiniseko, amavesi angaphambi kwaleli ayisikhuthazo esihle ekuthokoziseni uNkulunkulu nokwenza intando Yakhe ( kwabaseFiliphi 2:12-13), bese-ke, into yokuqala ngqa kwizinto ekukhulunywa ngazo, wudaba lwakho ukukhononda.

Uma kukhona into eyodwa kwindlela yokuziphatha okuyiyo eveza ubufakazi besimo sethu sikamoya ukwedlula ezinye, kungaba yiyo le yodaba lokukhononda. Liswana nesono nesilingo sokukhononda, lapho-ke uyakuba ngomsulwa kulesisizukulwane sethu esiphambene ( kwabaseFiliphi 2:14-15).