Dont waste your family trials
UJohn Piper udumise isiqubulo sempilo ngaphakathi kwaMakhrestu esithi “Ungayimoshi impilo yakho”. Iphuzu lakhe kwakunguku sebenzisa izimo zesikhashana zempilo yasemhlabeni ukuphila ngokwenjongo kaNkulunkulu nangokoMbuso kaNkulunkulu—okuyinto yena qobolwakhe ayenza kwaba ngemsebenzelayo wathi “Ungamoshi umdlavuza wakho” ngesikhathi lapho umdlavuza waba inhlupheko umndeni wakhe owawubhekane nayo. UNkulunkulu wenzile zonke izinto, izibusiso nezinhlupheko, ngokwenjongo yokufeza okuningi okuhle kulabo Yena ababizele Kuye (Roma 8:28). Kusona sonke isikhathi sempilo yamadoda nabesifazane abathembekile, ngabo uNkulunkulu usinikezele izibonelo zokuthi sibhekana kanjani nezinhlupheko ezithinta thina nemindeni yethu.
KuDutheronomi 6 uNkulunkulu ubiza bonke abazali ukuthi basebenzise imisebenzi yansuku zonke yempilo, futhi-ke izikhathi zezinhlupheko zinhle kakhulu ukukwenza lokho, ukuhlinzekela abantwana babo ngokuhluza impilo ngokukaNkulunkulu ( Dutheronomi 6:6-7). Yizinto lezi zokuzimisa zibe wumkhuba ngezikhathi zezibusiso (ngokomqondo kaDutheronomi 6), ukuze uma kufika izikhathi zokuvivinywa, imikhuba leyo izobe isinezimpande ezinde. Fundisa abantwana bakho ukuthi bathande futhi balalele uNkulunkulu kuyona yonke imisebenzi yansukuzonke (Dutheronomi 6:7). Bakhombise ukuthi ukwenza kanjani okulungile nokuhle ngezikhathi zonke (Dutheronomi 6:18). Batshele ukuthi yini uNkulunkulu ayenzile empilweni esikhathini esidlule ukuze bezokwazi ukubuka isikhathi samanje (Dutheronomi 6:20-21). Balusele kubuhlakani bokuzigcina okuyilobo bokwesaba uNkulunkulu (Dutheronomi 6:24). Ungazimoshi izinhlupheko zomndeni wakho.
Mhlawumbe okuyiyona inhlupho enkulu ukwehlela umndeni owodwa, yileyo kaJobe, uNkosikazi wakhe, nabantwana bakhe abayishumi. Ngesikhathi konke kukuhle, uJobe wayethandaza enxusela nomndeni wakhe (Jobe 1:5), ngesikhathi konke sekulahlekile uJobe wayedumisa nangokubona ukuthi wazalwa engenalutho futhi uzofa engenalutho, kodwa uNkulunkulu usalungile ngokuphelele (Jobe 1:21-22). Ungazimoshi izinhlupheko zomndeni wakho, mudumise uNkulunkulu ngenxa yezinto obekungenzeka mhlampe ukuthi awusoze wazazi.
Enye yezinhlupheko yomunye umndeni ethintiwe eMibhalweni yileyo yabashadikazi ababe nomntwana owazalwa eyimpumputhe. Eminyakeni eminingi eyalandela, umntwana esekhulile eseyindoda endala, uJesu waqinisekisa ukuthi labo ababebeka icala kuyona lendoda ngenxa yokungaboni kwayo, futhi babebeke nabazali bayo icala ngenxa yokungaboni kwayo babe khulunyiswa wukungazi, ukungabi nalo uzwela, futhi babeshaye eceleni (Johane 9:1-2). Kunalokho, uJesu wakuqinisekisa, njengalokhu uJobe ayesekufundile, ukuthi zonke izinto empwilweni, ngisho nezinhkupheko zomndeni, ziyisiteji lapho kubukiswa khona ngemisebenzi kaNkulunkulu kubuka umhlaba (Johane 9:3). Phokophelela ukubukisa esidlangalaleni ngempumelelo nezinhloso zikaNkulunkulu, lapho-ke izinhlupheko umndeni wakho obhekana nazo ngeke zize zimosheke!
