Siyazi ukuthi uNkulunkulu umelene nababi futhi usobajezisa ingunaphakase lonke, kodwa kwesinye isikhathi sizizwa engathi uNkulunkulu umelene nanathi esikholwayo futhi uyasibambela zonke izono ezincane nezinqumo ezinobuwula esizenzileyo. UNkulunkulu akagqugquzelwa ukuziphindiselela. UNkulunkulu akafiki athembise ukuthi “ Akusekho ukulahlwa!” ( KwabaseRoma 8:1) kodwa ngandlela thizeni aqhubeke enze ukuba sihlushwe ngenxa yento esiyenzayo. UNkulunkulu angasishaya ngenhloso yokusiyala kwezinye izikhathi, kodwa lokho kunjengalokho kukayise nendodana yakhe—ngokucacile ukushaya ngenhloso yokuyala ngenxa yokuthi sikhule. Ngisho nalapho esishaya, “ Akusekho ukulahlwa!”. Ngokufanelekile sibanokudumala okukhulu maqondana nesono, kodwa singalinge sizizwe engathi uNkulunkulu uphoxekile ngathi noma okwesikhashana Umelene nathi kuze kufike isikhathi lapho sesihlushwe ngokwanele. Ngokungafanelekile ubudlelwano bethu nabantu sibuphatha kanjalo; kuhlezi kungafanelekile ukuthi sicabange ngobudlelwano basezulwini ngaleyondlela.

Dlinza ngalamaqiniso aveziwe kulamavesi alandelayo.

ngokuba uSimakade uyathokoza

ngabantu bakhe abathobekileyo,

ubahlobisa ngensindiso.

Amahubo 149:4

“Makadunyiswe uSimakade othokoza ngenhlalakahle

yenceku yakhe.”

Amahubo 35:27

USimakade ujatshuliswa ngabamesabayo,

Amahubo 147:11

abahamba ngezindlela ezimsulwa

bayintokozo kuye.

IZaga 11:20

USimakade uNkulunkulu wakho unawe,

iqhawe eliyakukunqobisa.

Uyakukujabulela kakhulu wena,

athule othandweni lwakhe,

akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”

UZefaniya 3:17

Mesabe uNkulunkulu kwimicabango yakho nezenzo zakho, ungabi nokuthuka okukhulu maqondana noNkulunkulu. UNkulunkulu unikele uthandi Lwakhe kubona bonke abakholwayo, ulaka Lwakhe obelubafanele lwehliselwe koMunye.