UNkulunkulu muhle
UNkulunkulu wenza okuhle
Kuhle kimi
Lemisho emithathu emifushane iwukhiye ekuphileni impilo enempumelelo. Ukungabaza owodwa yalemisho, lapho usala nonkulunkulu omubi, noma nonkulunkulu okhonela ukukujezisa nje kwaphela, noma unkulunkulu ongenamsebenzi walutho. Ukukholelwa kulokhu okushiwo yilemisho, lapho-ke unesithombe esihle kakhulu sempilo- yebo kubalwa nazo izikhathi zobunzima.
Lamaphuzu womathathu athathwe njengoba enjalo, ethathwa emazwini okuziluleka ka Mnuz. 119– okungumbhali waMahubo 119. Lonke leliHubo lingoNkulunkulu Osinikezele iZwi Lakhe ukuba siphile ngalo. Kwisitanza sesi-9 sibona okunye ukuqonda okujulile ngoNkulunkulu noBuhle Bakhe ngezikhathi lapho kwenzeka izinto ezimbi empilweni
KwiHubo 119:68, uMnuz.119 uqinisekisa iqiniso elisobala elifakazeleka kusukela kuGenesisi 1 kuya kwiSambulo 22, elithi:
Umuhle Wena, futhi wenza okuhle.
Amahubo 119:68
Iqiniso elizimele ngokwezenkolo elithi “UNkulunkulu muhle” liyabonakala empilweni ngezenzo ezinhle uNkulunkulu azenzayo. Kuyiqiniso ukuthi konke okuhle empilweni kuyisipho sikaNkulunkulu Omuhle, nokuthi konke okubi kuwumphumela ovela ngqo kwindima edlalwa yisono empilweni
Kodwa uMnuz.119 akagxili nje kuphela kwiqiniso eliyisithombe esiphelele ngoNkulunkulu nendima Yakhe kulokhu kuphila, uphinde agxile kwindlela leliqiniso elinobudlelwano ngayo nezinto yena uMnuz.119 adlula noma abhekana nazo empilweni.
Kwaba kuhle kimi
Amahubo 119:71
IHubo 119:71 liqinisekisa ukuthi ubuhle bukaNkulunkulu abusikho kuphela ubunjalo bempilo obuzimele obufakazelwa yisithombe esiphelele sempilo, kodwa ubuhle bukaNkulunkulu bunendima obuyidlalayo kwizikhathi zobuhlungu. Njengoba noJosefa naye afakaza kuGenesisi 50:20, nguNkulunkulu omuhle kuphela ongenza okuhle ngokubi. Kanjalo-ke, uMnuz.119 wayesezibonele indlela uNkulunkulu omuhle nowenza konke okuhle aguqula ngayo ubuhlungu bakhe wabenza baba buhle.
Umuhle Wena, futhi wenza okuhle.
Kwaba kuhle kimi ukuba ngihlushwe ukuze ngifunde izimiso zakho.
Amahubo 119:68,71