Izinkolo eziningi zizitshela ukuthi uNkulunkulu wazo uluthando futhi uyalukhombisa uthando. Kodwa, kuphela nguNkulunkulu weqiniso oluthando ngokokuchazwa wuqobo lobunjalo nohlobo lwemvelo Yakhe. Ngenxa yoButhathu Emunye, uNkulunkulu weqiniso nguye kuphela uNkulunkulu, ngokobunjalo besimo Sakhe, onguNkulunkulu onothando olungokwabelana.
Bonke abanye onkulunkulu abazitshela ukuba baluthando abanjalo ngokwesimilo sobunjalo babo. Isimo semvelo yabo asilona uthando.Ngokwemibhalo yalezozinkolo, onkulunkulu abanjalo kwakungenzeka babe sethubeni lokuthanda, mhlawumpe kwenzeke ukuthi kwaba nesikhathi lapho baqala khona ukuthanda, kodwa akukho noyedwa kubona, uma kususwa zonke ezinye izinto, ongunkulunkulu onothando olungokwabelana.
Uyabona, ngokuhlukile kunezindaba zabanye onkulunkulu, uNkulunkulu weqiniso akazange aqale ukuba nobudlelwano ngesikhathi lapho Yena esedale imikhosi yasezulwini noma abantu emhlabeni. UNkulunkulu weqiniso unguButhathu Emunye. Lokho ngokusobala kuchaza ukuthi Yena ngeqiniso unguNkulunkulu munye, futhi okhona ngokoBuntu bobuNkulunkulu obuthathu (noma Iziqu ezintathu). Ngakho Amakhrestu ngokujwayelekile kakhulu akhuluma ngoNkulunkulu oyedwa onguBaba, Indodana noMoya Oyingcwele. Yilobuqiniso boButhathu Emunye obukhombisa ngobufakazi ukuthi uNkulunkulu weqiniso Uluthando. Akazange aqale ukuthanda ngesikhathi esithile, noma aqale ukuba nokuzwana ngokobudlelwano ngendlela mhlawumpe engasukeli ekubeni ngokoqobo Kuye. Yena ubevele, kusukela emaphakadeni wonke obukhona, enguNkulunkulu Othandayo ngokwendlela yoqobo nokuzwana engaphakathi koButhathu Emunye Bakhe.
Incwadi 1 ekaJohane 4:8 ikubeka ngokusobala “uNkulunkulu uluthando”. Bese yenza umehluko oyingcaca kakhulu evesini elilandelayo lapho ibeka ukuthi uthando lukaNkulunkulu aluchazwa ngothando Lwakhe analo ngathi, kodwa kunalokho uthando lukaNkulunkulu “lwabonakaliswa” kithi ( 1 kaJohane 4:9). UNkulunkulu kulokhe kwathi nhlo esebudlelwaneni—Unokwabelana kobudlelwano sidalwa Sakhe. UNkulunkulu ukhombisa ngobufakazi uthando ngabo bona qobo uButhathu Emunye Bakhe. Lolo thando olwaluvele lukhona lusebenza ngaphakathi koButhathu Emunye lwabe selubonakaliswa ngesikhathi uKhristu ethunyelwa emhlabeni.Umphumela kwaba wukuthi njengalokhu uNkulunkulu ayenokuphila kuqobo Lwakhe, kanjalo nathi manje sesizoba nothando Ngaye.
Incwadi ngokukaJohane 17:5-6 isebenzisa amagama athi mawafane. Indodana yayisebukhoneni bukaYise inenkazimulo efanayo ngqo—ubuntu bobuNkulunkulu obuhlukene, kodwa inkazimulo yoBuNkulunkulu efanayo. Lokhu kwakkuyiqiniso kwisikhathi sonke ngaphambi kokuthi kubekhona utho oludaliweyo. Indodana, ngesikhathi esithile yabe, isibonakalisa igama likaNkulunkulu (ubunjalo noqobo) kwabahlengiwe. Okuyikho okushiyowo nakulencwadi kuyefana. UNkulunkulu uNguye Lowo anguye. UNkulunkulu akashintshi. Ngakho ngesikhathi lapho Yena eqala ekhombisa uthando Lwakhe kanye nobunjalo Bakhe kubantu, Wayebonakalisa nje kithina Lokho selokhu kwathi nhlo eyikona.
Kuphela nguNkulunkulu Oselokhu aba sebudlelwaneni bothando olukhonjiswayo ebukhoneni Bakhe bonke onguNkulunkulu Okungathiwa ngeqiniso ngokukhonjwa Kwakhe “UNkulunkulu ULUthando“. Nanoma yimuphi konkulunkulu oqale ukukhombisa uthando ngesikhathi abantu sebedaliwe ungunkulunkulu oncike kubantu ukuba abe nokukwazi ukuthanda. UNkulunkulu onjalo , ngokobunjalo bakhe, akasilo uthando.
Yethaba, wena Mkhrestu, kuButhathu Emunye. Ubunjalo bemvelo yoButhathu Emunye bukaNkulunkulu okuyikona okwenza ithuba lokubakhona kobudlelwano bothando phakathi kwabantu noNkulunkulu.
Sesifinyelele ekulazini kanye nasekukholweni uthando uNkulunkulu analo ngathi. *
(Uthando lukaNkulunkulu lwabonakilswa,…)
UNkulunkulu uluthando nalowo ohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.
(… ngakho-ke sisebudlelwaneni obusondelene naye uNkulunkulu, … )Ngenxa yalokho uthando luphelelisiwe kithi, ukuze kuthi ngosuku lokwahlulelwa sime ngesibindi, ngokuba njengalokhu Yena eluthando, nathi sinjalo kuleli zwe
(… futhi yilona ngqo loluthando oluyisiqiniseko sethu sakusasa.)—1 ngokukaJohane 4:16-17
*Lendawana yevesi ihumushwe isuselwa kwiBhayibheli lesiNgisi iESV
