The God of Deliverance

Bongani uSimakade ngokuba muhle, umusa wakhe umi ingunaphakade.

Abahlengiweyo bakaSimakade mabasho njalo,labo abahlenge esandleni sesitha,

Amahubo 107:1-2

LeliHubo leTestamente Elidala laliculwa ngamaIsrayeli ukubonga uNkulunkulu ngokubakhulula kwizitha zabo (V2). Uma silifunda leliHubo namhlanje, kumele sikhumbule ukukhululwa ezonweni zethu uNkulunkulu akuletha kithina.

IHubo lilandisa ngezikhawu ezine ezihlukene zokusindiswa ebungozini obuthile. Kumavesi 4-9 uNkulunkulu uholela umhambi olambile,onxaniwe futhi emzini wokuhlala. Kuma vesi 10-16 isiboshwa siyakhululwa nguNkulunkulu kwizibopho zaso. Indoda egulela ukufa iyaphiliswa kumavesi 17-22, ekugcineni kuma vesi 23-32 uNkulunkulu uhlenga amatilosi engcupheni yokufa kwisivunguvungu.

Yonke yomine lemifanekiso ilandela uhlelo olufanayo. Kunesimo esibucayi (“Abanye bahleli ebumnyameni…iziboshwa enhluphekweni nakwizinsimbi”), bese kubakhona isicelo (“Base bekhala kuJehova besenkingeni”) ekugcineni konke kuphelela ekudumiseni uNkulunkulu (“Mababonge uJehova ngothando lwakhe olumile, ngemisebenzi emangalisayo kubantwana babantu’).

Ngakho leliHubo likhumbuzo uMkhrestu ngezimo ezibucayi azifake kuzona yena- imiphumela yezono zakhe. Okwesibili, sikhunjuzwa ukuthi silethile izimo zethu ezibucayi kuNkulunkulu, sesiphelelwe ithemba, sesibhekene nesimo esingenakuvimbeka, ukufa. Sibe sesivuma ukungakwazi kwethu nokwabanye ukuzethula umthwalo wethu onzima. Okwesithathu, uNkulunkulu uphendulile kithina, esingamadodana olahleko asephelelwe yithemba, uphendule ngoxolo olumangalisayo, olungasifanele. Ekugcineni, siphendule ngendumiso yokwesaba kanye nokubonga akhuluma ngakho uJohn Newton, “Ngendlela yenani eliphezulu wavela lowomusa ngomzuzu engaqala ngawo ukukholwa” (How precious did that grace appear the hour I first believed.)

Engathi-ke singakhumbula lokhu ukuthi iNkosi izithobise kanjani izinhliziyo zethu, ukuthi siwe kanjani phansi singenabani ukusisiza, ukuthi sikhale kanjani Kuyo sisekuhluphekeni kwethu, ukuthi isikhulule kanjani ekugqilazekeni kwethu, kanye nokuthi thina, esingabahlengiwe beNkosi, simelwe Ukuyibonga ngobuhle Bayo kanye nothando Lwayo olungena kuguquka,nangenxa yemisebenzi Yayo emihle phezu kwabantwana babantu.