Ngakube usamuthanda uJesu? Ngakube uthando lwakho onalo ngoNkulunkulu lusaqinile ngisho nangezikhathi eziletha ukwesaba nokuhlupheka okugcwalisa umhlaba? Ngakube uNkulunkulu umazi kahle ngokwanele ngendlela yokuthi noma kufika usizi awuthanda buzi ubuhle Bakhe kanye nothando Lwakhe? Ngakube uyabuqaphela ubunjalo bukaNkulunkulu nendlela kaNkulunkulu enza ngayo kubantu ngendlela yokuthi awushiyeki udidekile noma ugcwele ukwesaba ngesikhathi sewehlelwa inhlekelele?
Ngenkathi uJobe ezwela ubuhlungu bokulahlekelwa yikho konke wabambelela ngakho konke, waphendula ukudikila kwabanye ngenkolelo eqinile anayo kubuNkulunkulu bukaNkulunkulu esebenzisa lamazwi, “Siyakwamukela okuhle kuphela yini kuNkulunkulu, asiyukwamukela yini nokubi na?” (Jobe 2:10). Lolosuku lwempilo yakhe lwaphela ngokuhlaziywa kwesimo: Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe. (Jobe 10)
Ngisho noFaro ngesikhathi sikaEksodusi, yize wayengesiye okholelwa kuNkulunkulu, akakwazanga ukuphika ukuba neqiniso kukaNkulunkulu ngenkathi kwehliselwa ubuhlungu kuye ngezinhlupho, waqinisekisa ukuthi “Kulokhu ngonile; uSimakade ulungile, mina nabantu bami sinecala.” (Eksodusi 9:27)
Ngenkathi iNkosi uDavide ibhekene nesijeziso ngenxa yesono sayo, yancamela ukuhlushwa okuza ngesandla sikaNkulunkulu uQobo kunempi evela ngesandla sabantu, ngoba wayazi ukuthi, ngokungafani nabantu, uNkulunkulu ugcwele umusa (Samuweli 24:14).
UMphostoli uPawuli, ngenkathi edlinza ngobunzima ayebhekene nabo empilweni yakhe yasemhlabeni (Filiphi 4:11-12), wafakazela umusa kaKristu onikezela amandla okwenza ngaphansi kwezimo zonke ngamazwi adumile athi “Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.” (Filiphi 4:13).
Ziningi ezinye zezindatshana ezingabhalwa zabantu ababemazi kahle ngokwanele uNkulunkulu ngendlela yokuthi uma kufika ubunzima, bangaqinisekisa ukuthi uNkulunkulu usenguye uNkulunkulu, ukuthi konke Akwenzayo kulungile, ukuthi Ugcwele umusa, nokuthi Uyasiqinisa sonke kuzona zonke izimo zethu esibhekana nazo.