God is the purposeful Creator of your circumstances
KwiZenzo 17 uPawuli usebenzisa isifundiso seZwi esikhuluma ngoNkulunkulu njengoMdali ukuchaza izimo zasemhlaba zabantu ayeshumayela kubona. Babengesiwo amakholwa, kodwa kunjalo, uNkulunkulu wayezihlelile izimo zempilo yabo ngobuhle obunenhloso.
“UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, Yena uyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla, futhi akakhonzwa ngezandla zabantu, kube sengathi udinga utho oluthile. NguYena obapha ukuphila nokuphefumula nakho konke. 26 Wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba, wamisa izinkathi ezinqunyiweyo nemingcele yokuhlala kwazo, ukuze zimfune uNkulunkulu, mhlawumbe zingase zimphumputhe, zimfumane; ingani akakude kulowo nalowo wethu.
IZenzo17:24-27
Nansi indlela efingqiwe yokuyibeka ngamamnye amazwi lesisiqeshana sendaba. Ngiyathemba ukuthi izoba yinduduzo kuwe usaphila kuleyondawo uNkulunkulu akumisele yona namhlanje.
UNkulunkulu wenze lomhlaba futhi uNkulunkulu ukwenzile nawe. Yena ayikho into ayidingayo futhi ubhekelela zonke izidingo zethu (njengomoya ukuze siphefumule!) uNkulunkulu wenza uAdam wase esusela kuAdamu wasenza sasabalala ebusweni bomhlaba. UNkulunkulu waqoka futhi wamisa isikhathi lapho omunye nomunye ezophila khona nokuthi uzohlala kuphi. Inhloso ngalesisenzo soMdali kwakungukuthi ukuze umuntu ngamunye uzoba nezizathu zezimo aphila ngaphansi kwazo ezanele ukuphendukela kuNkulunkulu bese eyamthola uNkulunkulu.
Lona umyalezo omuhle kakhulu ongawuyisa kubangani bakho abangakholwa, umndeni, nomakhelwane, bese uwuhlanganisa nengxenye yonke esele yeZenzo 17 kuyakuphelelisa umyalezo weVangeli ongawethula. Lona ngumyalezo omkhulu futhi nakuthini esesiphendukile samukela isiqiniseko sokumthola uNkulunkulu. UNkulunkulu ukubekile kulesisikhathi somlando womhlaba futhi uNkulunkulu ukube ke ngqo kwindawo le okuyina njengamanje. Injongo Yakhe ukukulungiselela ingunaphakade. Ngokuqinisekile lokhu kwenza zonke izehlakalo zasemhlabeni zibengaphezulu kokufaneleka ukwenzeka!