Enye yezinto eziningi ehlukanisa ngokucacile uNkulunkulu neminye imicabango yonkulunkulwana ukuthi uNkulunkulu ochazwe kabanzi nangokugqamile eBhayibhelini, “unguNkulunkulu opha ngokwegunya lokwengamela Kwakhe izinto zonke”. UNkulunkulu uyapha, futhi wenza kanjalo ngobukhulu bakhe obengamele izinto zonke. Akekho onjeNgaye kwizigaba zolwazi, ezokucabanga, ezokwenza izinto nokubunjalo bempilo!
Ubunjalo Bakhe obupha ngokwegunya lokwengamela Kwakhe izinto zonke bubonakala ngokujulile ekunikeleni ngeNdodana Yakhe ezelwe yodwa ukuze bonke abakholwa kuJesu bengezukubhubha kodwa bathole futhi esinye isipho—ukuphila kwaphakade. “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela”. UNkulunkulu unikele ngeNdodana Yakhe nokuphila okuphakade (ngokukaJohane 3:16). Ukuthi impilo kaJesu, umsebenzi Wakhe nokufa Kwakhe kwakuyisenzo sokupha kucace ngokungephikiswe kumyalezo weVangeli—futhi ukwengamela izinto zonke Kwakhe kusona lesosenzo sokupha nakho kuyabonakala ngokusobala. Ekukhombiseni ngobufakazi obukhulu icebo Lakhe lokulawula izinto , uNkulunkulu wayehlelile ezepolitiki ,ezomphakathi, izingcithamchopho zaseMpumulanga, nezinhlelo zabantu abaningi kunye nezizwe eziningi, ukuze konke kuphumelelise ukuzalwa, umsebenzi, ukufa, ukuvuka kanye nokunyukela ezulwini kweNdodana Yakhe, uJesu Khristu—kuphumelele ngokwendlela uNkulunkulu ayehlose ngayo ngqo.
Kodwa uNkulunkulu opha ngokwegunya lokwengamela Kwakhe izinto zonke akabanga nguNkulunkulu opha ngokwegunya lokwengamela Kwakhe izinto zonke kwiTestamente Elisha kuphela. UNkulunnkulu akanakho ukuguquka, futhi ubunjalo Bakhe obupha ngokwegunya lokwengamela Kwakhe izinto zonke kuyiqiniso ngokulinganayo Ngaye ebhekana nathi ngeNdodana Yakhe, nangokubhekana Kwakhe nesizwe uIsrayeli kuzona zonke izingqinamba nezindaba zawo. UNkulunkulu unguNkulunkulu opha ngokwegunya lokwengamela Kwakhe izinto zonke upha ngokufanelekile kubobonke abanobudlelwano Naye, kungaba yizwe njengoIsrayeli, isizwe njengoRubeni, uGadi, noma esaManesa, noma kumuntu ngayedwa njengoMose noJoshuwa; noma kuwena njengoMkhrestu noma ebandleni njengombuthano wamakholwa.
UNkulunkulu uyapha, futhi upha ngokwegunya Lakhe lokwengamela izinto zonke.
Futhi njengalokhu uNkulunkulu epha ngokuthembekile, kanjalo Yena uyadinga ukuthi wena ulalele ngokuthobeka.
Bonke ubudlelwano abantu abanabo noNkulunkulu busekeleke ngokuthi uNkulunkulu upha kanjani nokuthi wena ulalela kanjani. Manje ke, uNkulunkulu ngeke ahluleke ekupheni Kwakhe, ngakho uma kukhona ukuhluleka okukhona kubudlelwano bakho noNkulunkulu, yonke iminwe ikhomba kuwe ngqo—nakwizinga lakho lokulalela ngokuthembeka.
Buka kwindlela uNkulunkulu akuphathe ngaye ezikhathini ezidlulile, bala izipho Zakhe eziningi akuphe zona, bese ucabanga ukuthi kwisikhathi esizayo ukulalela kwakho kuzoba njani.
2 KwabaseThesalonikha 2:16-17
Sengathi iNkosi yethu uJesu Khristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,angazigqugquzela izinhliziyo zenu, aniqinise emisebenzini yonke nasemazwini onke amahle.
