God will complete what he appointed for me
Phakathi nesilingo esikhulu, lapho kusabonakala engathi ayikho indlela yokuphuma, sonke singaqinisekisa noJobe,
Uyakukufeza lokho angiqokele khona;nokunye okuningi okusemqondweni wakhe.
UJobe23:14
NjengoJobe, kungenzeka kwezinye izikhathi sizwe engathi uNkulunkulu akekho ndawo ezinkingeni zethu (Jobe 23:8-9). Kodwa sazi kangcono.
“Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile,ngiyakuphuma nginjengegolide.
UJobe23:10
Empeleni kukhona izizathu ezimbili kungani singabanesibindi kuNkulunkulu kwisikhathi lapho imanje libuhlungu kodwa ikusasa singalazi. Isizathu sokuqala ukuthi sisalokhu simile singcwele (Jobe 23:11-12) bese isizathu sesibili ukuthi uNkulunkulu akaguquki nhlobo futhi uzohlezi enza lokho ngokungaguquki akulangazelela thina (Jobe 23:13-14).
Izimpilo zethu sihlezi zishintsha, sisuka ebuhleni ziye ebubini, sisuka ebubini ziye ebubini obukhulu, kwenye inkathi kwisimo esibi esiwuhlobo oluthize lobubi kuya kwesinye esiwuhlobo oluthize. Kodwa uNkulunkulu wethu akashintshi. Yena ukulangazelela Kwakhe ukuhlosele thina, futhi akukho okungashintsha lokho. Ngakho-ke sizokhululwa kukona konke, siphumele ngale sesinjenge golide.
