IHubo 139 lingelinye eliyintandokazi yesikhathi sonke kumakholwa amaningi. Lingu bufakazi obumangalisayo kuNkulunkulu wethu esingena kufinyelelwa kuye ngomqondo womuntu kepha unobudlelwano obusondele kakhulu nathi. Kuqala futhi kugcine ngolwazi lukaNkulunkulu ngathi. UNkulunkulu wethu usazile (V1), futhi thina ngenjabulo sakhuleka ukuthi uzoqhubeke ukusazi. (Amavesi 23-24)
Kwizindima ezine uDavide unaba kabanzi ngolwazi lwakhe ngolwazi lukaNkulunkulu ngaye uDavide. Ulwazi lukaNkulunkulu ngathi lunzulu, alugwemeki, luthinta nempilo yobunjalo bomuntu, futhi luthinta nempilo yomuntu yakomoya. UNkulunkulu wazi yonke into ngathi, akukho ukuMbalekela, kuchaza ukuthi Uyasikhathalela kulokhu kuphila kanye nokuphila okuzayo.
Ulwazi lukaNkulunkulu ngathi lunzulu (amavesi 2-4). Wazi yonke into ngathi. Wazi yonke into ngathi kusukela ekuhlaleni kwethu phansi kuya ekumeni kwethu ngezinyawo (vesi 2), kusuka siphila izimpilo zethu kuya ekulaleni kwethu (v3), kusuka ekucabangeni kwethu kuya ekukhulumeni kwethu (v 4), kusukela kulokho okusemuva kwethu kuya kulokho okuphambi kwethu (v 6). Inhloso yalamaqoqo omqondophikisa ukuba kugcizelelwe ukuthi akukho lutho uNkulunkulu angalwazi ngathi kanye nezimpilo zethu. Ngokufanele amakholwa aqhuma ngendumiso , evuma ukuthi ulwazi lukaNkulunkulu ngathi lungaphezulu kokwazi kwethu (v6).
Ulwazi lukaNkulunkulu ngathi alunakugwemeka futhi (Amavesi 7-12). Siphinde futhi sisebenzise amaqoqo omqondophikisa,uDavide usicinelela ukuba siphethe ngokuthi ayikho indawo esingaya kuyo lapho uNkulunkulu engekho khona ngokusebenza ngenkuthalo futhi engekho khona nangokwazi(v7), kusuka phezulu kakhulu emazulwini kuya kwingxenye ephansi kunazo zonke yomhlaba (v8), kusuka empumalanga lapho amehlo engafinyeleli khona kuya entshonalanga emikhawuleni yolwandle (khumbula uDavide wayehlala kwaIsraeli) (V9), kusuka kubusuku obumnyama kuya kwimini ekhanyayo (Amavesi 11-12), lapho uNkulunkulu uyasihola aphinde asivikele ngesandla Sakhe samandla (v 10). Ulwazi lukaNkulunkulu ngathi alunakugwemeki.
Ulwazi lukaNkulunkulu ngathi luthinta impilo yobunjalo bomuntu ( amavesi 13-18). UNkulunkulu uyazi ukuthi ngibunjwe kanjani esiswini sikamame (vesi 13). UNkulunkulu wazi yonke imininingwane emincane ebucayi yokubunjwa kwami ( vesi 16). UNkulunkulu uyacabanga ngemininimgane yempilo yami ngaphezu kokuba mina ngicabanga ngayo (17-18). Ngokufanelekile singababaza sonke sithi “Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle.” (v 14). Ulwazi luka Nkulunkulu ngathi luthinta impilo yobunjalo bomuntu ukudlula ngisho ulwazi lwethu ngoqobo lwethu.
Ulwazi lukaNkulunkulu ngathi luthinta impilo yomuntu yakomoya (19-22). UNkulunkulu uyazazi isicelo sobulungiswa nokuhlukaniswa nobubi kanye nabantu ababi (19-20). UNkulunkulu uyazi sibazonda kanjani labo abanga khonzi uNkulunkulu kodwa abazimisele ngokumelana naye (vv 21-22). ULwazi lukaNkulunkulu ngathi lufaka phakathi neqiniso langokomoya isikhathi esiningi esikwazi kuphela ukulizwakalisa ngokomoya uma sikhuleka.
Ngolwazi oluhle kangaka lolwazi lukaNkulunkulu ngathi, ngokufanelekile sidalula konke phambi kwakhe, simcela ukuthi asebenzise ulwazi Lwakhe oluphelele ngathi ukuvivinya izinhliziyo zethu, Adalule konke ukungalungi, bese esiholela kulokho okuzoma ingunaphakade lonke. (vv 2-24)
Kufanelekile ukuphetha lokhu kubuyekeza iHubo 139 ngokubabaza okusaphazeke kulo lonke leliHubo.
Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa; kuphakeme, anginakufinyelela kukho. (v. 6)!
Ngiyakukubonga (v. 14)!
Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi(v. 17)!
Ungiholele endleleni yaphakade (v. 24)!