Training in Sin-fighting
Izimpi ezinzima kakhulu akuzona lezizimpi ezihlukumeza umhlaba, kodwa yilezo zimpi ezingazodwana zokulawula imiphefumulo yethu. Ngenxa yokuthambekela kwethu isono, asidingi ngisho imizamo eyengeziwe kaSathane nama dimoni akhe ekusenzeni ukuba sone. Izilingo zokuwela esonweni ziqhamuka nganxa zonke, ngingasayiphathi eyezinkanuko zethu (ekaJakobe 4:1).
Izikhali zokuma uqine phakathi kwezingqinamba nezilingo zinekezelwe ngokubananzi kwabase-Efesu 6, kodwa vele kwabase-Efesu 4 uqeqesho lokulwa nesono beselunikezeliwe. Incwadi kwabase-Efesu 4 iqukethe incwadi kathisha edingakalayo ngaphambi ngokungena ezikhalini ezikwi sahluko sesi-6 salencwadi.
Emavesini amathathu uMoya oNgcwele usinikezela imithetho emithathi enqala yokulwa nesono
ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yakuqala, owonakele ngenxa yezinkanuko zenkohlakalo,
nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu,
nokuba nembathe umuntu omusha odalwe ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.
Kwabase-Efesu4:22-24
Ungakucabangi kwakukucabanga ukuthi uzonqoba phezu kwesono esikhathini sokulingwa uma ungabambeleli kulemithetho yomithathi yokulwa nesono.
Ukuhlala ungcwele futhi umsulwa emhlabeni wesono, obuswa amandla obumnyama, nolingwa yizinkanuko zemvelo yakho ewile kuzodinga ukuzibophezela okungafi kokukhumula isono engathi ihhembe elinyanyisayo, wenziwe musha emqondweni wakho kwindlela ocabanga ngayo ngesono nangoKhristu, bese wembatha ukulunga okuyikona okumelana nesono kulesosikhathi sokulingwa.
Incwadi kwabase-Efesu 4 ayisiyo kuphela uthishela wokufundisa izinto eziyizisekelo, kodwa ingomunye wothishela abafundisa izinto ezinomqondo ophathekayo, ngoba inikezela izibonelo ezikhombisa ukuthi lokhu ekufundisayo kubukeka kanjani.
Thatha njengesibonelo isono sokuqamba amanga.
Ngakho-ke hlukanani namanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye elomunye.
Kwabase-Efesu4:25
Emzuzwini wokulingwa ukuthi uqambe amanga, kukhumule ukuqamba amanga, bese ugqoka ukukhuluma lokho okuyiqiniso. Ukwenza lokhu kubelula, kuyasiza ukwenza ibeyintsha ingqondo yakho ngokucabanga ngokuthi sisonke sixhumelelene omunye komunye, ngakho asikwazi ukwenza into eyenza kubekhona ukwehlukana enjengokuqamba amanga lapho iqiniso lingakwazi ukwakha ukwethembana, ubunye nokuvuleleka.
Noma sibheke isono sokukhuluma into ebolile?
Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuba kudingeka, ukuze libaphe umusa abezwayo.
Kwabase-Efesu 4:29
Lapho ulingwa uphimisela amazwi ahlabayo, angcolile anezinhloso ezimbi, ungawakhiphi; esikhundleni salokho, vumela ukuba kuphume imisho emihle emlonyeni wakho. Ukukhuluma kwakho bakube nesilinganiso salokho okuyikona okwakha labo abalalele futhi kushiwo ngesikhathi esifanele. Ukwenza lokhu kube lula, cabanga amazwi njengesiphethu somusa;wonke amazwi akho kudingeka ukuba anongwe ngomusa ngaphambi kokuba aphume emlonyeni wakho.
Thatha isono ozabalazayo ukulwisana naso kulowomzuzu wesilingo, bese ubheka imithetho yokukhumula, ugqoke bese wenza ibeyintsha ingqondo maqondana nalesosono, bese uyahamba uyobabengcwele njengoMsindisi noNkulunkulu wethu engcwele.
