USIMAKADE, ulungile ngokuphelele kodwa uyashesha ukuxolela

The LORD, absolutely just but quick to forgive

Enye yezindlela ezidume kakhulu uNkulunkulu azazisa ngayo kubantu yenzeka ngesikhathi isizwe sama-Israyeli, esasingahlali endaweni eyodwa , simise amatende aso eNtabeni iSinayi.

Mina SIMAKADE uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo, 6 kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane balabo abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.

IEksodusi20:5-6 ne-IDutheronomi5:9-10

Umona kaNkulunkulu umenza Yena avikele abakhe ngentshiseko enkulu, abe nothando oluthembeke kubona kuphela, futhi angenelele ngokusebenza ngamandla onke enzela bona. Ngakho-ke Yena uphendula ngendlela eqinile elungile kwisono sabo , futhi ngothando olukhulu kakhulu ekulaleleni kwabo. USIMAKADE unguNkulunkulu ophelele, okwazi ukuvumelanisa ukulunga nokuthethelela, umona nothando.

Kodwa lokho akusho ukuthi ukulunga kukaNkulunkulu nothando lwakhe kuyalingana sengathi kudinga ukulinganiswa okunye kulinganiwe ngokunye—cha nakanye! UNkulunkulu akalinganisi uthando nokulunga ukuze agcine ibhalansi ephelele—kunalokho ugcina kokubili kubonakala ngokugcwele ngendlela efanele.Lapho kukhona isono nobubi phakathi kwabantu Bakhe, uphendula ngokulunga okunomona; kuthi lapho kukhona ukulalela, aphendule ngothando oluqinile nolungaguquki. Uthando alufihli ukulunga, futhi ukulunga akulwedluli uthando—uNkulunkulu uyinhlanganisela ephelele yokulunga okunomona nothando oluthembekile.

Konke lokhu kuyiqiniso elingephikiswe futhi kuyafakazeleka ngokwesambulo Sakhe asambulile qoboLwakhe kubantu bakhe. Kodwa ngokwethu ukubuka, kubonakala sengathi ubufakazi bokukodwa buvelele kakhulu kunobokunye. Ngokwethu ukubhekana nempilo ubulungiswa bukaNkulunkulu nothando Lwakhe kubonakala kungathi akuhambisani kahle—hhayi ngoba ngempela kukanjalo, ngoba uNkulunkulu uyikona kokubili kwisimo akho esiphelele—kodwa kubonakala sengathi okukodwa kucace kakhulu kithina kunokunye.

Amazwi avela kuSIMAKADE nawo ayakuveza lokhu. Ukulunga kugcinelwe izizukulwane ezimbalwa ezimzondayo uNkulunkulu (bheka uHezekeli 18 ukuze uqonde kahle imfundiso ngeziqalekiso ezibizwa ngokuthi “ngezezizukulwane”), kodwa uthando lunikezwa “izinkulungwane”. Ngokombono wethu, uthando lukaNkulunkulu lubonakala kakhulu kunokulunga kwakhe. Asivamisile ukukubona lokho, kodwa kufanele sibonge kakhulu ngokuthi,

1. USIMAKADE uphelelele kukho kokubili ubulungiswa nasothandweni,nokuthi futhi

2. USIMAKADE ubonakalisa ngobufakazi uthando Lwakhe ngokweqile, ngenkathi lapho ubulungiswa Bakhe bugcinelwa izono zethu kuphela.

Makaduniyswe uSIMAKADE yena yedwa ozokwahlulela, futhi okuNguye qoboLwakhe omise uthando Lwakhe phezu kwethu ukusixolela kanye nokusihlanza kukona konke ukungalungi ukuze isijeziso esilungile sezono zethu sibekwe kuKhristu bese thina siyakubizwa ngabantwana bakaNkulunkulu!

Scroll to Top