USIMAKADE unguMelusi wami, angiyu_______

The LORD is my Shepherd, I shall not____

Sonke siyazi ukuthi iqiniso lokuqala kwiHubo 23 ukuthi liphela kanjani: “USIMAKADE ungumelusi wami, angiyikuswela

Lokhu akusikho ukuswela zonke izinto ozifunela zona wena. Okusho ukuthi “angeke kubekhona engikudingayo”.

Umphumela wokuqala wethu ngokuba noSIMAKADE njengomelusi wethu wukuthi sinayo yonke into esiyidingayo akukho esikuswele. Laze lalihle leliqiniso. Njengalokhu leliHubo liqhubeka licahaza, USIMAKADE njengomelusi wethu uyasihlinzekella kwizidingo zethu zansuku zonke (Amahubo 23:3), izidingo zethu zangokomoya, kanye nezidingo zakokwemizwa yethu (Amahubo 23:4)

Ungangaba, njengoDavide, yinkosi ngangokuthi imininingwane kavesi 5 ingaphathelana nawe, kodwa yonke lemininingwane achaza nje ukuvikela nezibusiso zikaNkulunkulu kuDavide ngokomsebenzi wakhe. Ngamanye, USIMAKADE njengomelusi wethu, usihlinzekela ngakho konke esikudingayo ukufeza imisebenzi yethu yansuku zonke (Amahubo 23:5).

Ngokuyisiqiniseko-ke, njengoDavide singaqinisekisa ukuthi ikusasa lethu libukeka kahle. Kungenzeka sibe semadlelweni aluhlaza, noma esigodini sethunzi lokufa, kodwa ubuhle bukaNkulunkulu nomusa kaNkulunkulu uzohlezi ukulungele ukusisiza. Besek, uma konke sekuphelile, sizoba noNkulunkulu kwingunaphakade lonke ngendlela ngisho enhle kakhulu kunokuba kwaDavide eThempelini, noma yethu yokuba seBandleni ( Amahubo 23:6).

Ngakube uSIMAKADE ungmelusi wakho? Ngakube uyamulandela uSIMAKADE? Ngakhok-ke awuyukuswela lutho; ayokho into ozogodlelwa yona yazo zonke izinto ozidingayo namhlanje noma nangolunye usuku ( Mathewu 6:33-34)

Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu,uSimakade uyakupha umusa nodumo,akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.Simakade Wamabandla,ubusisiwe okwethembayo!

Amahubo84:11-12

Scroll to Top